Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 uma ekufikeni kwethu ezweni ungabophi le ntambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo, uzibuthele endlini yakho uyihlo, nonyoko, nabafowenu, nabendlu bonke bakayihlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 uma kuyothi lapho sihlasela izwe, sithole ungayibophelanga le ntambo ebomvu efasiteleni owasikhipha ngalo, futhi ungaqoqelanga endlini yakho uyihlo nonyoko nabafowenu nabo bonke abendlu kayihlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Bheka, lapho singena ezweni, kumelwe ubophe lentambo ebomvu efasiteleni osehlise ngalo; kumelwe ulethe ekhaya uyihlo nonyoko nabafowenu nayo yonke indlu yakho kuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 2:18
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso.


UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.


ngokuba ngingakubuka kanjani okubi okuyakufica isizwe sakithi, noma ngingakubuka kanjani ukuchithwa kwezihlobo zami na?”


Igazi liyakuba luphawu lwenu ezindlini lapho nikhona; nanxa ngibona igazi, ngiyakudlula kini, ningehlelwa yisifo sokunibhubhisa, lapho ngibulala izwe laseGibithe.


Izindebe zakho zinjengomucu obomvu, umlomo wakho muhle; izihlathi zakho zinjengenxenye yepomegranati* emva kwemvakazi yakho.


bheka, umpristi makayale ukuba oyakuhlanjululwa athathelwe izinyoni ezimbili ezihlambulukileyo nomsedari* nendwangu ebomvu nehisopi,*


umpristi uyakuthabatha umsedari,* nehisopi,* nendwangu ebomvu, akuphonse phakathi kokushayo kwesithole.


Bayakwendlala phezu kwazo indwangu ebomvu, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.


UJesu wathi kuye: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu, lokhu naye eyindodana ka-Abrahama.


Esakhuluma naye wangena, wafumana abaningi ababebuthene.


Ngase ngithumela kuwe ngaso leso sikhathi; wenze kahle ufike. Manje sesikhona sonke phambi kukaNkulunkulu ukuba sizwe konke okuyalelwe yiNkosi.”


ozakukhuluma kuwe amazwi ozakusindiswa ngawo, wena nendlu yakho yonke.’


INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami,


Ngokuba isikhulunyiwe imiyalelo yonke ngokomthetho nguMose kubantu bonke, wayesethatha igazi lamathole nelezimbuzi kanye namanzi noboya obubomvu nehisopi*, wafafaza incwadi nabantu bonke,


Wathi: “Makube njengamazwi enu.” Wayesewamukisa ahamba; wabopha intambo ebomvu efasiteleni.


Izinsizwa ezaziyizinhloli zangena, zamkhipha uRahabi, noyise, nonina, nabafowabo, nabo bonke anabo, zakhipha bonke abomuzi wakhe, zababeka ngaphandle kwekamu* lakwa-Israyeli.


Kepha uRahabi isifebe, nabendlu kayise, nabo bonke anabo, uJoshuwa wabasindisa; uhlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla, lokhu wathukusa izithunywa uJoshuwa azithuma ukuba zihlole iJeriko.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ