Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 18:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngokuba amaLevi awanasabelo phakathi kwenu, lokhu ubupristi bukaJehova buyifa lawo; oGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase sebamukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga abanika lona uMose inceku kaJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 AbaLevi abanasabelo phakathi kwenu, ngokuba ubuphristi bukaSimakade buyifa labo. UGadi noRubeni nengxenye yesizwna sakwaManase sebesitholile isabelo sabo ngaphesheya kweJordani empumalanga, uMose inceku kaSimakade abanika sona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa amaLevi kawanasabelo phakathi kwenu; ngokuba ubupristi bukaJehova buyifa labo; uGadi noRubeni nenxenye yesizwe sakwaManase base bemukela ifa labo ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, uMose inceku kaJehova abanika lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 18:7
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wathi ku-Aroni: “Awuyikuba nafa ezweni lakubo, futhi ungabi nasabelo phakathi kwabo; mina ngiyisabelo sakho nefa lakho phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; naphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.


Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho; umfokazi osondelayo wobulawa.”


Ngalokho uLevi akanasabelo noma ifa kanye nabafowabo; uJehova uyifa lakhe njengokukhuluma kukaJehova uNkulunkulu wakho kuye.


UMose inceku kaJehova nabantwana bakwa-Israyeli babebabulele; uMose inceku kaJehova wabanika lona abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, laba yifa labo.


Kepha isizwe sakwaLevi uMose akasinikanga fa; uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyifa labo njengokukhuluma kwakhe kubo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ