Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 18:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Umkhawulo wasuka, wajika ngasohlangothini lwasentshonalanga ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakungaseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; lokho kwakuluhlangothi lwasentshonalanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Umngcele bese ubheka kwenye ingxenye, ujike ubheke ngasentshonalanga-ningizimu; kusuka entabeni ebhekene neBhethi Horoni eningizimu uphele eKiriyathi Bhali eliyiKiriyathi Jeharimi engumuzi wabantu bakwaJuda. Lolu wuhlangothi olungasentshonalanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Umkhawulo wasuka lapho, wazungeza engosini yolwandle ngaseningizimu, kusukela entabeni ephambi kweBeti Horoni ngaseningizimu; ukuphuma kwawo kwakuseKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, umuzi wabantwana bakwaJuda; kwakuyiwadi esentshonalanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 18:14
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wahamba nabo bonke abantu ababe naye, besuka eBali Juda ukwenyusa khona umphongolo kaNkulunkulu obizwa ngeGama, lona igama likaJehova Sebawoti ohlala phezu kwamakherubi.*


IKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.


umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi;


Umkhawulo wasuka lapho, waya eLuze eceleni kweLuze eliyiBethele ngaseningizimu; umkhawulo wawusehlela e-Atharoti Adari ngasentabeni engaseningizimu kwaseBeti Horoni laseNzansi.


Uhlangothi lwaseningizimu lwasuka ekupheleni kweKiriyati Jeharimi, umkhawulo waphuma waya ngasentshonalanga emthonjeni wamanzi aseNefitowa;


Abantwana bakwa-Israyeli base besuka, bafika emizini yabo ngosuku lwesithathu; imizi yabo yayiyiGibeyoni, neKefira, neBeroti, neKiriyati Jeharimi.


esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBeti Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emkhawulweni obheka esigodini saseSeboyimi ngasehlane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ