Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 18:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho waphuma eJordani; umkhawulo wenyuka eceleni kweJeriko ngasenyakatho, wakhuphukela ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakungasehlane laseBeti Aveni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Umngcele wabo ngasenyakatho wawusuka eJordani, wenyuke eceleni kweJerikho ngasenyakatho, ukhuphukele kwelezintaba entshonalanga, uze uyogcina ehlane iBhethi Aveni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho wawusuka eJordani; umkhawulo wenyuka ohlangothini lweJeriko ngasenyakatho, wenyuka ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakusehlane laseBeti Aveni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 18:12
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abakhileyo eSamariya bayakuba novalo ngenxa yamathole aseBeti Aveni, ngokuba abantu balo bayakulila ngawo, abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawo ukuthi lumukile kuwo.


“Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova.’


“Bethani umtshingo eGibeya necilongo eRama; hlabani umkhosi eBeti Aveni: basemva kwakho, Benjamini!


Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga, ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele;


Inkatho yadla isizwe sabantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo; umkhawulo wesabelo sabo waphuma phakathi kwabantwana bakwaJuda nabantwana bakwaJosefa.


UJoshuwa indodana kaNuni wathuma ngasese eseShithimi amadoda amabili abe yizinhloli, wathi: “Hambani nibone izwe neJeriko.” Basuka, bafika endlini yesifebe esigama laso linguRahabi, balala khona.


ayesema amanzi avela ngenhla, afukuka aba nqwabanye kude kakhulu ngase-Adamu, umuzi oseceleni kweSaretani; lawo ewuka eya ngaseLwandle lwase-Araba, uLwandle Lukasawoti, anqamuka impela; abantu base bewela maqondana neJeriko.


IJeriko lalivalile amasango alo ngenxa yabantwana bakwa-Israyeli; kwakungaphumi muntu, kungangeni muntu.


UJoshuwa wathuma amadoda, asuka eJeriko aya e-Ayi eliseceleni kweBeti Aveni ngasempumalanga kwaseBethele, wakhuluma kuwo, wathi: “Khuphukani, nilihlole izwe.” Amadoda akhuphuka ahlola i-Ayi.


UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benza kungathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.


AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ