Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 17:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bathi abantwana bakwaJosefa: “Izintaba azisanele; onke amaKhanani ahlala ezweni lesigodi anezinqola zensimbi, wona aseBeti Sheyani kanye nemizana yalo nawo asesiGodini saseJizreyeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Abozalo lukaJosefa bathi: “Elezintaba alisanele, kodwa wonke amaKhanani ahlala emathafeni anezinqola zensimbi, lawo aseBhethi Sheyani nemizana yalo, nalawo asesigodini iJizreyeli.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Abantwana bakwaJosefa bathi: “Intaba ayisaneli; futhi wonke amaKhanani ahlala ezweni lasesigodini anezinqola zensimbi, lawo avela eBheti-Sheyani nasemizini yawo, nalabo abavela esigodini sesifufula. EJizreyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 17:16
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngesikhashana nje izulu laguqubala ngamafu nangomoya, lana imvula enkulu. U-Ahabi wakhwela inqola, waya eJizreyeli.


Isandla sikaJehova sasiku-Eliya; wabopha ukhalo lwakhe, wagijima phambi kuka-Ahabi, waze wafika ekungeneni kwaseJizreyeli.


Kwathi emva kwalezo zinto uNaboti waseJizreyeli wayenesivini esasiseJizreyeli eceleni kwendlu yenkosi u-Ahabi, inkosi yaseSamariya.


“Nango-Izebeli uJehova wakhuluma, wathi: ‘Izinja ziyakumudla u-Izebeli ngasogangeni lwaseJizreyeli.’


uBahana indodana ka-Ahiludi eThahanaki, naseMegido, nakulo lonke iBeti Sheyani elingaseceleni kweSaretani, ngenzansi kwaseJizreyeli, kusukela eBeti Sheyani kuze kube se-Abela Mehola nangaphesheya kweJokimeyamu,


Izinja ziyakumudla u-Izebeli esiqeshini sezwe laseJizreyeli; akuyikubakho muntu wokummbela.’ ” Yayisivula umnyango, yabaleka.


isidumbu sika-Izebeli siyakuba njengomquba ebusweni bomhlaba esiqeshini sezwe laseJizreyeli ukuba bangasho ukuthi: ‘Nangu u-Izebeli.’ ”


Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi ngeRaba labantwana bakwa-Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo, u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.


Kwa-Isakare nakwa-Asheri uManase wabelwa iBeti Sheyani kanye nemizana yalo, neJibileyamu kanye nemizana yalo, nabakhileyo eDori kanye nemizana yalo, nabakhileyo e-Eni Dori kanye nemizana yalo, nabakhileyo eThahanaki kanye nemizana yalo, nabakhileyo eMegido kanye nemizana yalo eyizimpakama ezintathu.


UJoshuwa wathi kubo: “Uma uyisizwe esikhulu, khuphukela ehlathini, uzicabele khona ezweni lamaPherizi nakwelamaRefa, lokhu izintaba zakwa-Efrayimi ziminyene kuwe.”


UJoshuwa wayesekhuluma kuyo indlu kaJosefa, naku-Efrayimi, nakuManase, ethi: “Uyisizwe esikhulu, unamandla amakhulu; awuyikuba nasabelo esisodwa nje;


kepha izintaba ziyakuba ngezakho; noma ziyihlathi, woligawula; namaphethelo alo mawabe ngawakho, ngokuba uyakuwaxosha amaKhanani, nakuba enezinqola zensimbi nakuba enamandla.”


Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi,


UJehova wayenaye uJuda, waxosha abasezintabeni; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.


USisera wayesebutha zonke izinqola zakhe, izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi, nabantu bonke ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kube semfudlaneni iKishoni.


Abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, ngokuba wayenezinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi; wacindezela kakhulu abantwana bakwa-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.


Kwabuthana bonke abakwaMidiyani, nama-Amaleki, nabasempumalanga, bawela, bamisa esiGodini saseJizreyeli.


AmaFilisti abutha zonke izimpi zawo e-Afeki; abakwa-Israyeli bamisa ngasemthonjeni oseJizreyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ