Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 15:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 bese ukhuphuka esigodini samadodana kaHinomu ekwehleni okungaseningizimu yamaJebhusi, okuyiJerusalema, nomngcele okhuphukela phezulu entabeni ebhekene nesigodi iHinomu, entshonalanga engasekugcineni, enyakatho yesigodi iRefa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Umkhawulo wenyuka waya esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kwamaJebusi ngaseningizimu; leli yiJerusalema, umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba ephambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga, esisekupheleni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 15:8
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

AmaFilisti esefikile ahlakazeka esiGodini samaRefa.


AmaFilisti abuye enyuka, ahlakazeka esiGodini samaRefa.


Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki.


UDavide naye wonke u-Israyeli baya eJerusalema eliyiJebusi; amaJebusi ayakhe kulelo zwe ayeselapho.


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa abantwana bakhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.


naseZanowa, nase-Adulamu nasemizaneni yawo, naseLakishi inamasimu alo, nase-Azeka nasemizaneni yalo. Bamisa kusukela eBeri Sheba ukuze kube sesigodini sikaHinomu.


Kuyakuba njengomvuni ovuna amabele asemi nengalo yakhe evuna izikhwebu, kube njengokukha izikhwebu esiGodini samaRefa.


Wayesebuya uJeremiya eThofeti lapho uNkulunkulu ayemthume khona ukuba aprofethe; wema agcekeni lendlu kaJehova, wathi kubantu bonke:


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe,


ngalokho bhekani, izinsuku ziyeza, usho uJehova, lapho le ndawo ayisayikubizwa ngokuthi iThofeti noma isigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala.


AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.


umkhawulo wawusehlela ngasekupheleni kwentaba engaphambi kwesigodi sendodana kaHinomu esiyisigodi samaRefa ngasenyakatho; wehlela esigodini sikaHinomu eceleni kwamaJebusi ngaseningizimu, wehlela e-Eni Rogeli;


neSela, ne-Elefi, neJebusi eliyiJerusalema, neGibeya, neKiriyati, imizi iyishumi nane nemizana yayo. Lokho kwakuyifa labantwana bakwaBenjamini ngemindeni yabo.


Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.


Abantwana bakwaJuda balwa neJerusalema, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, bathungela umuzi ngomlilo.


Kepha akavumanga lowo muntu ukuhlala lobo busuku, kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ