Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 15:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase-Akori ngasenyakatho, ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase-Adumimi elingaseningizimu komfula; umkhawulo wawusudlula, waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi; ukuphuma kwawo kwakungasemthonjeni waseRogeli;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 wedlulele eDebhiri kusuka esigodini i-Akhori, uqhubeke ngasenyakatho, uphenduke ubheke eGiligali elibhekene nommango e-Adumimi ngaseningizimu yesigodi, umngcele, bese wedlula uya emanzini e-Eni Shemeshi; uze uyophela e-Eni Rogeli,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Umkhawulo wenyukela eDebhiri usuka esigodini sase-Agori, waya ngasenyakatho malungana neGiligali, engaphambi kommango oya e-Adumimi eseningizimu yoMfula; Ukuphuma kwawo kwakuse-Enrogeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 15:7
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

OJonathani no-Ahimahasi babehlala e-Eni Rogeli; incekukazi yayizinge ibatshela; bona bahamba bayibikela inkosi uDavide ukuba bangabonwa behamba beya emzini.


U-Adoniya wahlaba izimvu, nezinkabi, namathole akhuluphalisiweyo ngasetsheni laseZoheleti eliseceleni kwe-Eni Rogeli; wamema bonke abafowabo, amadodana enkosi, nabantu bonke bakwaJuda, izinceku zenkosi;


ISharoni liyakuba yisibaya sezimvu, nesiGodi sase-Akori indawo yokubuthisa kwezinkomo kubantu bami abangifunayo.


Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi* lami, amafutha ami nokuphuza kwami.’


UJoshuwa wabuyela ekamu* laseGiligali, bonke abakwa-Israyeli benaye.


Wasuka lapho, wenyukela kwabakhileyo eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala.


umkhawulo wenyukela eBeti Hogila, wadlula ngasenyakatho kweBeti Araba; umkhawulo wakhuphukela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;


wasuka enyakatho, waphuma e-Eni Shemeshi, waya eGeliloti elibhekene nommango wase-Adumimi, wehlela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni;


Abantu benyuka eJordani ngolweshumi lwenyanga yokuqala, bamisa eGiligali emkhawulweni wangasempumalanga kwaseJeriko.


UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benaye bamthatha u-Akani indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe, nezimbongolo zakhe, nezimvu zakhe, netende lakhe, nakho konke anakho, bakukhuphulela esigodini sase-Akori.


Bamisa phezu kwakhe inqwaba yamatshe; isekhona nanamuhla; uJehova waphenduka entukuthelweni yake enkulu. Ngalokho igama laleyo ndawo laqanjwa ngokuthi isigodi sase-Akori kuze kube namuhla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ