Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 15:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Araba uyise ka-Anaki, oyiHebroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Wamnika uKhalebhu indodana kaJefune isabelo phakathi kwabozalo lukaJuda njengoba uSimakade ayemyalile uJoshuwa, umuzi ka-Arbha uyise ka-Anaki iHebhroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UKalebi indodana kaJefune wanika uJoshuwa isabelo phakathi kwabantwana bakoJuda, njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Arba, uyise kaEnaki, eyiHebroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 15:13
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


USara wafela eKiriyati Araba okuyiHebroni ezweni laseKhanani; u-Abrahama wafika ukumlilela uSara nokumkhalela.


Kwathi emva kwalokho uDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngenyukele yini komunye wemizi yakwaJuda na?” UJehova wathi kuye: “Yenyuka.” Wathi uDavide: “Ngenyukelephi na?” Wathi: “EHebroni.”


Kodwa amasimu omuzi nemizana yawo bakunika uKalebi, indodana kaJefune.


neSora, ne-Ajaloni, neHebroni, ekwaJuda nakwaBenjamini, imizi ebiyelweyo.


UKalebi wathulisa abantu phambi kukaMose, wathi: “Masenyuke khona manje, silidle, ngokuba sinamandla okulinqoba.”


Owesizwe sakwaJuda: uKalebi indodana kaJefune.


UJoshuwa wafika ngaleso sikhathi, wanquma ama-Anaki ezintabeni eHebroni, naseDebiri, nase-Anabi, nasezintabeni zakwaJuda, nasezintabeni zakwa-Israyeli, uJoshuwa wawaqothula kanye nemizi yawo.


Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda.


Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo.


UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.


Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.


Igama lalowo muntu lalinguNabali; igama lomkakhe lalingu-Abigayili; owesifazane wayehlakaniphile, ebukeka emuhle, kepha indoda yayilukhuni inobubi emisebenzini yayo; yayingekaKalebi.


Sangenela ngaseningizimu yamaKhereti, nakwelakwaJuda, naseningizimu kaKalebi, salishisa iSikilagi ngomlilo.”


nakwabaseHebroni, nasezindaweni zonke lapho uDavide uqobo nabantu bakhe bebejwayele ukuhamba khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ