Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 15:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Isabelo sesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo sasingasemkhawulweni wakwa-Edomi nasehlane laseSini ngaseningizimu, ngasekupheleni kweningizimu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Isabelo sesizwana sabozalo lukaJuda ngokwemindeni yabo sasifinyelela ngaseningizimu emngceleni kwa-Edomi, kuyofika ehlane iZini ekupheleni kweningizimu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Leyo yaba yinkatho yesizwe sabantwana bakwaJuda ngezizukulwane zabo; kuze kube semkhawulweni wakwa-Edomi ihlane laseSini ngaseningizimu ekupheleni kogu lwaseningizimu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 15:1
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni.


USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.


“Uhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu luyakusukela eTamari, luze lube semanzini aseMeribati Kadeshi nasemfudlaneni ngaseLwandle Olukhulu. Lolu luluhlangothi lwaseningizimu ngaseningizimu.


“Ngasemkhawulweni wakwaRubeni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uJuda uyakuba nesabelo.


lapho sakhala kuJehova, walizwa izwi lethu, wathuma ingelosi, wasikhipha eGibithe; bheka sesiseKadeshi, umuzi oseceleni komkhawulo wakho;


naseJerusalema, nase-Idumiya, nangaphesheya kweJordani, nangaseTire, naseSidoni; isixuku esikhulu sesizwile konke akwenzayo seza kuye.


ngokuba naphambuka kimi phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ngasemanzini aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini, lokhu ningangingcwelisanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


ngenkatho yefa labo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose ngezizwe eziyisishiyagalolunye nangenxenye yesizwe.


Umkhawulo wabo waseningizimu wasuka ekupheleni koLwandle Lukasawoti, ethekwini elibheka ngaseningizimu,


Ayakwahlukanisa izabelo eziyisikhombisa: uJuda uyakuhlala emkhawulweni wakhe ngaseningizimu, indlu kaJosefa ihlale emkhawulweni wayo ngasenyakatho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ