Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 13:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa laseMedeba kuze kufike eDiboni,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 kusuka e-Aroweri elingasekupheleni kwesigodi i-Arinoni, nemizi ephakathi nesigodi, nethafa kusuka eMedeba kuya eDibhoni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni, nomuzi ophakathi nomfula, nethafa lonke kusukela eMedeba kuze kube seDiboni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 13:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bawela iJordani, bamisa e-Aroweri ngakwesokunene komuzi ophakathi nesigodi sakwaGadi ngaseJazeri;


Base beziqashela izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili kanye nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abeza ukumisa ngaphambi kweMedeba. Abantwana bakwa-Amoni babuthana ndawonye bephuma emizini yabo; baya ukulwa.


Emizaneni inamasimu ayo kwahlala abanye abantwana bakwaJuda: eKiriyati Araba nasemizaneni yalo, naseDiboni nasemizaneni yalo, naseJekabiseyeli nasemizaneni yalo,


Bayakhuphukela ethempelini; iDiboni lenyukela ezindaweni eziphakemeyo ukuyokhala; uMowabi uyaklewula eNebo naseMedeba; onke amakhanda ayizimpandlana, zonke izilevu ziphuculiwe.


“Yehla ebukhosini bakho, uhlale womile, ndodakazi, ohlala eDiboni, ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe, achithe izinqaba zakho.


Umchithi uyakufikela yonke imizi, akuyikuphunyuka muzi; isigodi siyakuchithwa, ithafa liqothulwe, njengalokho uJehova eshilo.


“Sibacibishele; iHeshiboni liphelile kuze kube seDiboni; sichithile kuze kube seNofa elingaseMedeba.”


Kusukela e-Aroweri elisosebeni lomfula i-Arinoni nasemzini osesigodini kuze kube kwaGileyadi akubangakho muzi owasahlula ngokuphakama; uJehova uNkulunkulu wethu wayinikela yonke phambi kwethu;


“Lelo zwe salidla ngaleso sikhathi; izwe elisukela e-Aroweri elisesigodini sase-Arinoni, nenxenye yezintaba zakwaGileyadi, nemizi yalo, sabanika khona abakwaRubeni nabakwaGadi;


AbakwaRubeni nabakwaGadi ngabanika okusukela kwaGileyadi kuze kube sesigodini sase-Arinoni phakathi nesigodi kwaba ngumkhawulo nasemfuleni iJakobi elingumkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,


uSihoni inkosi yama-Amori owayehlala eHeshiboni, ebusa kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, naphakathi nesigodi, nenxenye yakwaGileyadi, kuze kube semfuleni iJaboki, umkhawulo wabantwana bakwa-Amoni,


nayo yonke imizi kaSihoni inkosi yama-Amori owabusa eHeshiboni, kuze kube semkhawulweni wabantwana bakwa-Amoni,


Umkhawulo wabo wasuka e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa ngaseMedeba,


Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ