Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 13:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 nengxenye kwaGileyadi, i-Ashitharothi, ne-Edireyi, imizi yasembusweni ka-Ogi eBhashani; yonke leyo yabelwa abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase ngokwemindeni yabo, ingxenye yabozalo lukaMakhiri.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Inxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani, yayingelabantwana bakwaMagiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMagiri ngemindeni yabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 13:31
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaGereshomu anikwa emndenini wenxenye yesizwe sakwaManase iGolanu, eBashani, namadlelo alo ne-Ashitaroti namadlelo alo;


Ngowami uGileyadi, ngowami uManase; u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami, uJuda uyintonga yami yokubusa.


“Ngasemkhawulweni wakwaNafetali, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, uManase uyakuba nesabelo.


futhi izwe lika-Ogi inkosi yaseBashani, owensali yamaRefa, owahlala e-Ashitaroti nase-Edireyi,


nawo wonke umbuso ka-Ogi eBashani owayebusa e-Ashitaroti nase-Edireyi, owayesele kuyo insali yamaRefa; uMose wabanqoba, wabaxosha.


Lawo angamafa uMose awabela emathafeni akwaMowabi phesheya kweJordani, ngaseJeriko ngasempumalanga.


UManase wabelwa izabelo eziyishumi ngaphandle kwelakwaGileyadi neBashani ngaphesheya kweJordani,


ngokuba amadodakazi kaManase aba nefa phakathi kwamadodana akhe; izwe lakwaGileyadi laba ngelamanye amadodana kaManase.


nakho konke akwenza kuwo amakhosi omabili ama-Amori ayengaphesheya kweJordani, uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani, eyayise-Ashitaroti.


Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova, babakhonza oBali, no-Ashitaroti, nawonkulunkulu base-Aramu, nawonkulunkulu baseSidoni, nawonkulunkulu bakwaMowabi, nawonkulunkulu babantwana bakwa-Amoni, nawonkulunkulu bamaFilisti, bamshiya uJehova, kabamkhonza.


UGileyadi wahlala phesheya kweJordani; uDani walibalelani emikhunjini na? U-Asheri wahlala ngasogwini lolwandle, wasala ngasemathekwini akhe.


Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’


USamuweli wakhuluma kuyo yonke indlu ka-Israyeli, wathi: “Uma nibuyela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yenu, susani kini onkulunkulu babezizwe no-Ashitaroti, nibhekise izinhliziyo zenu kuJehova, nimkhonze yena yedwa; uyakunophula esandleni samaFilisti.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ