Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 kusukela eSihori elingaphambi kweGibithe kuze kube semkhawulweni wase-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani, amakhosi ayisihlanu amaFilisti: amaGaza, nama-Ashidodi, nama-Ashikeloni, namaGiti, nama-Ekroni, nama-Avi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 kusuka eShihori elisempumalanga yeGibhithe kuya enyakatho emngceleni we-Ekhroni, elaziwa ngokuthi yiKhanani; kunababusi abayisihlanu bamaFilisti, abaseGaza, e-Ashidodi, e-Ashikeloni, e-Githi, nase-Ekhroni, nalabo base-Avimu ngasenyakatho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 kusukela eSihori eliphambi kweGibhithe kuze kube semngceleni we-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani: izikhulu ezinhlanu zamaFilisti; amaGasathi, nama-Ashidoti, nama-Eskaloni, namaGiti, nama-Ekroni; futhi ama-Avites:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 13:3
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani.


Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:


USolomoni wagubha-ke umkhosi ngaleso sikhathi naye wonke u-Israyeli enaye, ibandla elikhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze semfuleni waseGibithe, ngaphambi kukaJehova uNkulunkulu wethu izinsuku eziyisikhombisa nezinsuku eziyisikhombisa, okungukuthi izinsuku eziyishumi nane.


UDavide wayesebutha wonke u-Israyeli kusukela eSihori laseGibithe kuze kube sekuyeni eHamati ukususa umphongolo kaNkulunkulu eKiriyati Jeharimi.


Emanzini amaningi imbewu yaseSihori nokuvuna kweNayile kwakuyinzuzo yalo; laliyindawo yokuthenga kuzo izizwe.


Manje unani endleleni eya eGibithe ukuba uphuze amanzi aseSihori, na? Unani endleleni eya e-Asiriya ukuba uwaphuze amanzi omfula na?


kanjalo nama-Avi ayehlala emizaneni kwaze kwaba seGaza, anqoba amaKafitori ayevela eKafitori, akha esikhundleni sawo.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMahakhati, kodwa oGeshuri noMahakha bahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.


Amakhosi amaFilisti enyukela kuye, athi kuye: “Myenge, ubone ukuthi amandla akhe amakhulu aphi nokuthi singamahlula ngani ukuba simbophe, simnqobe; siyakukunika, kube yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva.”


Amakhosi ayisihlanu amaFilisti, nawo onke amaKhanani, namaSidoni, namaHivi ahlala entabeni yaseLebanoni, kusukela entabeni yaseBali Hermoni kuze kube sekuyeni eHamati.


AmaFilisti athatha umphongolo kaNkulunkulu, awususa e-Ebeni Ezeri, awuyisa e-Ashidodi.


Base bethuma umphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni. Kwathi ekufikeni komphongolo kaNkulunkulu e-Ekroni abase-Ekroni bakhala bathi: “Balethile umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli kithi ukuba usibulale thina nabantu bakithi.”


Bathuma babuthela kubo onke amakhosi amaFilisti, bathi: “Siyakwenzani ngomphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli na?” Athi: “Umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli mawususelwe eGati.” Bawususela umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli khona.


Athi: “Uyakuba yini umnikelo wecala esiyakuwubuyisela kuye na?” Bathi: “Amathumba ayisihlanu egolide namagundane ayisihlanu egolide njengomumo wamakhosi amaFilisti, ngokuba kuyisifo sinye esikubo bonke nakuwo amakhosi enu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ