Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 11:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungesabi ngenxa yabo, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizakubanikela bonke bebulewe ngaphambi kuka-Israyeli; wena uyakunquma amahhashi abo imisipha, uzishise izinqola zabo ngomlilo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJehova wayesethi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngiyakubakhulula bonke abanqotshiweyo phambi kuka-Israyeli; kumelwe unqume amahhashi abo futhi ushise izinqola zabo ngomlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 11:6
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.


Wathi: “Ungesabi, ngokuba abanathi baningi kunabanabo.”


Yehlelani kubo kusasa; bhekani, bayakukhuphuka ngommango waseSisi; niyakubafumana ekugcineni kwesigodi ngaphambi kwehlane laseJeruweli.


Thulani, niqonde ukuthi mina nginguNkulunkulu; ngiyakuphakama phakathi kwabezizwe, ngiphakame emhlabeni.


UJehova Sebawoti unathi; uNkulunkulu kaJakobe uyinqaba yethu. Sela*


Uphelisa ukulwa kuze kube semikhawulweni yomhlaba; uyaphula umnsalo, anqume umkhonto, izinqola zempi azishise ngomlilo.


Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe, babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.


Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’ ngalokho niyakubaleka: ‘Sikhwele anejubane,’ ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.


Wo kubona abehlela eGibithe ukuba basizwe khona, bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni, ngokuba ziningi, nakubo abamahhashi, ngokuba benamandla; kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli, noJehova abamfuni.


“ ‘Abahlala emizini yakwa-Israyeli bayakuphuma, baphembe umlilo ngezikhali, bazishise, izihlangu namahawu, iminsalo nemicibisholo, nezinduku, nemikhonto, benze umlilo ngakho iminyaka eyisikhombisa.


I-Asiriya aliyikusisindisa, asisayikukhwela amahhashi, singasasho kuyo imisebenzi yezandla zethu ukuthi ngonkulunkulu bethu, ngokuba intandane iphiwa umusa kuwe.”


“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakushisa izinqola zakho emsini, inkemba idle amabhongo akho ezingonyama; ngiyakunquma impango yakho emhlabeni, nezwi lezithunywa zakho alisayikuzwakala.”


Uyakuqeda zonke izizwe uJehova uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho lingazihawukeli, ungakhonzi onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


UJehova wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele ezandleni zakho; akuyikubakho muntu wabo ongema phambi kwakho.”


Onke lawo makhosi ahlangana, eza amisa ndawonye ngasemanzini aseMerome ukuba alwe no-Israyeli.


Wayesefika uJoshuwa nabo bonke abantu bempi benaye, babazuma ngasemanzini aseMerome, babadumela.


UJoshuwa wenza kubo njengokumyala kukaJehova: wanquma amahhashi abo imisipha, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.


UJoshuwa wathi kubantu: “Zingcweliseni, ngokuba kusasa uJehova uyakwenza izimangaliso phakathi kwenu.”


uFinehasi indodana ka-Eleyazare ka-Aroni wema phambi kwawo ngalezo zinsuku bathi: “Siyakuphinda siphume ukuba silwe nabantwana bakwaBenjamini umfowethu, nokuba siyeke na?” UJehova wathi: “Khuphukani, ngokuba kusasa ngiyakubanikela esandleni sakho.”


Kwathi ngalobo busuku uJehova wathi kuye: “Vuka wehlele ekamu, ngokuba sengilinikele esandleni sakho.


Bathi kuzo izithunywa ezazifikile: “Niyakusho kanje kubantu baseJabeshi Gileyadi, nithi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele niyakukhululwa.’ ” Izithunywa zafika, zabatshela abantu baseJabeshi; bathokoza.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ