Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 10:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Ngasemuva uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Emveni kwalokho uJoshuwa wawagenca, wawabulala, wawaphanyeka ezihlahleni eziyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Ngemva kwalokho uJoshuwa wabanqoba, wababulala, wabaphanyeka emithini emihlanu, balengiswa emithini kwaze kwahlwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 10:26
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.” Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”


wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.*


Lapho indaba iphenywa, kufunyanwa ukuthi injalo, zaphanyekwa zombili emthini; kwalotshwa encwadini yezindaba zemihla ngemihla phambi kwenkosi.


ukuba benze impindiselo kubo abezizwe nezijeziso kubantu,


Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.


UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.”


Abantu bonke base bephendula bethi: “Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.”


Khona abaJuda, ngokuba kwakungolokulungisela, ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe.


UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,”


Inkosi yase-Ayi wayiphanyeka emthini kwaze kwahlwa; ukushona kwelanga uJoshuwa wabayala ukuba behlise isidumbu sayo emthini, basintshinga ngasesikhaleni sesango lomuzi, wamisa phezu kwaso inqwaba enkulu yamatshe ekhona nanamuhla.


Base bethi oZeba noSalimuna: “Suka wena, usihlasele, ngokuba njengendoda anjalo amandla ayo.” Wayesesuka uGideyoni, wababulala oZeba noSalimuna, wathatha izimbedu ezinjengenyanga ezazisezintanyeni zamakamela abo.


USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ