Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 1:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Njengalokho samlalela kukho konke, kanjalo siyakulalela wena; kepha, kuphela uJehova uNkulunkulu wakho, makabe kuwe njengalokho wayenoMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Njengoba samlalela uMose ezintweni zonke, nawe siyakukuhlonipha. Kuphela nje, sengathi uSimakade uNkulunkulu wakho angaba nawe njengalokhu ayenoMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Njengalokho samlalela uMose kukho konke, kanjalo siyakulalela nawe; kuphela uJehova uNkulunkulu wakho makabe nani, njengalokho ayenoMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 1:17
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Yayisithi incekukazi yakho: ‘Izwi lenkosi yami, inkosi, malibe ngelokuthula, ngokuba inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu ekuzweni okuhle nokubi; uJehova uNkulunkulu wakho makabe nawe.’ ”


Njengalokho uJehova waba nenkosi yami, inkosi, makabe naye uSolomoni, asenze isihlalo sakhe sobukhosi sibe sikhulu kunesihlalo sobukhosi senkosi yami, inkosi uDavide.”


Wayesethi uDavide kuSolomoni indodana yakhe: “Qina, ume isibindi, ukwenze; ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu, yebo, uNkulunkulu wami, unawe; akayikukuyeka, akayikukushiya uze uphele wonke umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova.


UJehova makakuphendule ngosuku lokuhlupheka; igama likaNkulunkulu kaJakobe malikuvikele.


Makakunike njengokwenhliziyo yakho, afeze icebo lakho lonke.


Sindisa, Jehova! INkosi mayisiphendule ngosuku lokukhala kwethu.


UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe,


Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele.


Izixuku ezazihamba phambili nezazimlandela zamemeza zathi: “Hosiyana kuyo iNdodana kaDavide! Ubusisiwe ozayo egameni leNkosi. Hosiyana kweliphezulu!”


UJoshuwa indodana kaNuni wayegcwele umoya nokuhlakanipha, ngokuba uMose wayebekile izandla zakhe phezu kwakhe; abantwana bakwa-Israyeli bamlalela-ke, benza njengalokho uJehova emyalile uMose.


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Konke osiyale ngakho siyakukwenza; nomaphi lapho usithuma khona, siyakuya khona.


Yilowo nalowo oyakuhlubuka ezwini lakho, angalaleli amazwi akho kukho konke omyala ngakho, uyakubulawa; qina kuphela, ume isibindi.”


Akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho zonke izinsuku zokuhamba kwakho; njengalokho nganginaye uMose, kanjalo ngiyakuba nawe; angiyikukuyeka, angiyikukushiya.


Angikuyalile na? Qina, ume isibindi, ungesabi, ungabi naluvalo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unawe nomaphi lapho uya khona.”


Ngalolo suku uJehova wamkhulisa uJoshuwa emehlweni abo bonke abakwa-Israyeli; bamesaba njengalokho babemesaba uMose izinsuku zonke zokuhamba kwakhe.


UDavide wathi: “UJehova owangophula ozisheni lwengonyama nasozisheni lwebhere* uyakungophula nasesandleni salowo mFilisti.” USawule wathi kuDavide: “Hamba, uJehova uyakuba nawe.”


UJehova makenze njalo kuJonathani, enezele futhi, uma kukuhle kubaba ukukwenzela okubi, ngingakwambuleli kuwe, ngikuvumele ukuba uhambe kahle; uJehova makabe nawe, njengalokho ayenobaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ