Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJoshuwa 1:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 uJehova aze aphumuze abafowenu njengani, nabo badle izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona, andukuba nibuyele ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, nilidle.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 aze uSimakade abaphe ukuphumula abafowenu kanye nani, nabo balidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu abanika lona. Niyobuyela ezweni lenu nilidle, izwe uMose, inceku kaSimakade, aninika lona phesheya kweJordani ngasempumalanga.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 uJehova waze waphumuza abafowenu njengalokho aninika khona, balidla nabo izwe uJehova uNkulunkulu wenu abanika lona; khona-ke niyakubuyela ezweni lefa lenu, nidle lokho uMose inceku kaJehova aninika khona nganeno kweJordani ekuphumeni kwelanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJoshuwa 1:15
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.


aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu;


Ngokuba nina bazalwane nabizelwa ekukhululekeni. Kuphela ningakwenzi ukukhululeka kube yithuba enyameni, kepha khonzanani ngothando.


Thwalisanani imithwalo yenu, nigcwalise kanjalo umthetho kaKristu.


“Ngaleso sikhathi nganiyala ngathi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu uninikile leli zwe ukuba nilidle; niyakuwela nihlomile phambi kwabafowenu, abantwana bakwa-Israyeli, nonke eningamadoda anesibindi.


uJehova aze aphe abafowenu ukuphumula njengani, nabo balidle izwe uJehova uNkulunkulu wenu ayakubanika lona ngaphesheya kweJordani, andukuba nibuyele, kube yilowo nalowo ezweni lakhe engininike lona.’


“Yizwa, Israyeli: Wena uyakuwela iJordani namuhla, ungene udle izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,


yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye.


Kwathi emva kokufa kukaMose inceku kaJehova, uJehova wakhuluma kuJoshuwa indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose, wathi:


Omkenu, nabantwana benu, nezinkomo zenu bayakuhlala ezweni uMose aninika lona ngaphesheya kweJordani; kepha nina niyakuwela phambi kwabafowenu nihlomile, nonke nina maqhawe anamandla, nibasize,


Bamphendula uJoshuwa, bathi: “Konke osiyale ngakho siyakukwenza; nomaphi lapho usithuma khona, siyakuya khona.


UJoshuwa wababiza abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ