Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJona 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UJehova uNkulunkulu walungisela umhlakuva, wawukhulisa phezu kukaJona ukuba ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumophula kokubi kwakhe. UJona wathokoza ngomhlakuva ngokuthokoza okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 USimakade uNkulunkulu wahlumisa isihlahla somhlakuva esenzela uJona umthunzi. UJona wawujabulela kakhulu umthunzi womhlakuva.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 UJehova uNkulunkulu walungisa umhlakuva, wawumisa phezu kukaJona, ukuze ube ngumthunzi phezu kwekhanda lakhe ukumkhulula osizini lwakhe. UJona wajabula kakhulu ngomhlakuva.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJona 4:6
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UHamani waphuma khona ngalolo suku, ethokoza enenhliziyo enhle; kepha lapho uHamani embona uMoridekayi esangweni lenkosi ukuthi akasukumanga, kanyakazanga ngaye, uHamani wagcwala ulaka ngoMoridekayi.


Njengenceku ekhefuzelela ithunzi, nanjengomqashwa obheka umvuzo wakhe,


Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.


UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.


nina enithokoza ngento engelutho, nithi: “Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na?”


UJehova wamisela inhlanzi enkulu ukuba imgwinye uJona; uJona wayesezibilinini zenhlanzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


UJona wayesephuma emzini, wahlala ngasempumalanga komuzi, wazenzela idokodo khona, wahlala phansi kwalo emthunzini, ukuze abone ukuthi kuyakwenziwa njani kuwo umuzi.


Kepha sekuzakuvela ukusa ngangomuso uNkulunkulu walungisela impehlwa; yawuphehla umhlakuva, wabuna.


Nokho ningathokozi ngalokhu kokuthi omoya bayanithobela, kepha thokozani ngokuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”


nabathokozayo babe njengabangathokoziyo, nabathengayo babe njengabangenanto,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ