Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 9:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Ngokuba akasiye umuntu onjengami ukuba ngingase ngimphendule, siye kanyekanye ekwahlulelweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

32 Ngokuba akasiye umuntu njengami ukuba bengingaqagulisana naye, nokuba ngibhekane naye esigcawini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Ngokuba akasiye umuntu onjengami ukuba ngimphendule, sihlangane ndawonye ekwahlulelweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 9:32
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Bheka, ngiyakuphendula ukuthi awuthethanga kahle lokho, ngokuba uNkulunkulu mkhulu kunomuntu.


Bheka, ingebhe ngami ayiyikukugebhezisa, nesandla sami esiphezu kwakho asiyikukusinda.


Pho, mina ngingamphendula ngithini, ngikhethe amazwi ami aqondene naye, na?


Uma kuyindaba yamandla, nangu onawo; uma yindaba yokwahlulela, ngubani ongimemayo na?


Uma efuna ukuthetha amacala naye, angemphendule nakwelilodwa kwayinkulungwane.


uyakungicwilisa nokho emgodini, izingubo zami zinengwe yimi.


Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba akukho muntu okhona olungile emehlweni akho.


Okukhona kwake kwabizwa ngegama; kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini; akanakwahlulelana nonamandla kunaye.


“Wo kuye olwa noMenzi, udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba! Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi: ‘Wenzani na?’ nomsebenzi wakho ukuthi: ‘Akanazo izandla,’ na?


“Bheka, njengengonyama ekhuphuka ezihlahleni zaseJordani, iye endaweni eyinqaba, ngiyakubazuma, ngibagijimise, basuke kuyo; nobani okhethwayo ngiyakumbeka phezu kwabo, ngokuba ngubani onjengami, ngubani onginqumelayo, ngumuphi umalusi oyakuma phambi kwami, na?”


uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?


O, wena muntu! Ungubani-ke wena ophikisana noNkulunkulu na? Okubunjiweyo kungasho yini kowakubumbayo ukuthi: “Wangenzelani ngaba njena na?”


ngokuthi uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi uyazi konke.


Kepha uJehova wathi kuSamuweli: “Ungabheki isimo sakhe nobude bomzimba wakhe, ngokuba ngimalile, lokhu uJehova engabukisi okomuntu; umuntu ubheka okusemehlweni, kepha uJehova ubheka okusenhliziyweni.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ