Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 9:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Uyangilimaza ngesiphepho; uyandisa amanxeba ami ngeze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Ngokuba uyangilimaza ngesiphepho, wandisa amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ngoba uyangephula ngesiphepho futhi andise amanxeba ami ngaphandle kwesizathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 9:17
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izandla zakho zingibumbile, zangenza ngokupheleleyo nxazonke; nokho uyangichitha.


Ngangihlezi kahle, wangichoboza; wangibamba ngentamo, wangiphahlaza; wangimisa ngibe yisigcibisholo.


Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi, angidumele njengeqhawe.


noma kungekho ubudlova ezandleni zami nokukhuleka kwami kulungile.


Bahlala phansi naye emhlabathini izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisikhombisa, akukhulumanga muntu kuye, ngokuba babona ukuthi usizi lwakhe lwalulukhulu kakhulu.


Wayesethi uJehova kuSathane: “Inhliziyo yakho iyiqaphele inceku yami uJobe na? Ngokuba akakho onjengaye emhlabeni, umuntu ongenasici nolungileyo, omesaba uNkulunkulu, obalekela okubi; usabambelela ekupheleleni kwakhe, noma ungivusele ukumchitha engenacala.”


Wayesephuma uSathane ebusweni bukaJehova, wamshaya uJobe ngamathumba amabi, kusukela ematheni onyawo kuze kufike okhakhayini.


“Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami, noSomandla owenze munyu umphefumulo wami,


Uyangiphakamisela emoyeni, ungikhwelisa kuwo, wenze ukuba ngincibilike ngokuhlokoma kwesivunguvungu.


Bheka, uthola amathuba ngami, ungishaya isitha sakhe.


Phezu kokwahlulelwa kwami ngishaywa onamanga; inxeba lami alinakupholiswa, noma ngingenasiphambeko.’


Uma bengimbizile abesengiphendula, bengingayikukholwa nokho ukuthi ubekile indlebe ezwini lami.


Yebo, akuyikujabha noyedwa kwabakulindelayo; bayakujabha abaphambuka ngeze.


Izwi likaJehova liyaphula imisedari;* uJehova waphula imisedari yaseLebanoni.


Utwa lubizana notwa ekuhlokomeni kwezimpophoma zakho; onke amadlambi akho namaza akho eqile phezu kwami.


baxoshe kanjalo ngesivunguvungu sakho, ubethuse ngesiphepho sakho.


Ngiyakwenza ukwahlulela kube ngumucu wokulinganisa, nokulunga kube ngumthofu wokumisa, isichotho sihlwithe isiphephelo samanga, amanzi akhukhule indawo yokucasha.


Bheka, isivunguvungu sikaJehova esinokufutheka siphumile; isivunguvungu esiyisikhwishikhwishi sehlele phezu kwamakhanda ababi.


“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.


Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima, aze aphumelelise ukwahlulela, kunqobe.


Layithela imvula, kwafika izikhukhula, kwavunguza imimoya, yayishaya leyo ndlu, yawa, kwaba kukhulu ukuwa kwayo!”


Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’


UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ