Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 8:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Abakuzondayo bayakwembeswa amahloni; itende lababi aliyobe lisabakho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 Abakuzondayo bayothelwa ngehlazo; ithende lezikhohlakali alisayukuba bikho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Abakuzondayo bayokwembathiswa ihlazo; futhi indawo yokuhlala yababi iyochithwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 8:22
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakuba yinyumba, umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.


Uyakuhlwithwa etendeni lakhe alethembayo, ayiswe enkosini yengebhe.


Nithi: ‘Iphi indlu yezikhulu, liphi itende lokuhlala kwababi, na?’


Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.


Intambo yetende labo ayisishulwa yini phakathi kwabo, bafe bengazelele, na?’


Awuthetheleli ngani isiphambeko sami, ususe isono sami, na? Ngokuba manje ngiyakulala phansi othulini; uyakungifunisisa, kepha angiyikubakho.”


Uyakwencika endlini yakhe, kepha ayiyikuma; uyakubambelela kuyo, kepha ayiyikuqina.


Uma echithwa endaweni yakhe, iyakumala ngokuthi: ‘Angizange ngikubone.’


Abamelene nami mabembeswe amahloni, bagqoke ukujabha njengesambatho.


Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo, kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”


Mabajabhe, babe namahloni bonke abajabula ngokuhlupheka kwami; abazikhukhumeza ngami mabembathiswe ukujabha nendumazo.


Indlu yababi iyachithwa, kepha itende labaqotho liyahluma.


Zonke izikhulu zolwandle ziyakwehla ezihlalweni zazo zobukhosi, zikhumule izingubo zazo, zihlubule izambatho zazo ezifekethisiweyo, zembathe ukuthuthumela, zihlale emhlabathini, zithuthumele njalonjalo, zimangale ngawe.


Inkosi iyakulila, isikhulu siyakwembatha incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyakuhlushwa; ngiyakwenza kubo njengezindlela zabo, ngibahlulele njengezimfanelo zabo, bazi ukuthi nginguJehova.”


‘Ngiyakusiphumisa,’ usho uJehova Sebawoti, ‘singene endlini yesela nasendlini yofunga amanga ngegama lami, sihlale phakathi kwendlu yakhe, siyiqede kanye nemithi yayo namatshe ayo.’ ”


Ngokunjalo, nina basha, thobelani amalunga; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ