Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 8:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 “Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu: ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 “Zinjalo-ke izindlela zabo bonke abakhohlwa nguNkulunkulu, ithemba longenabunkulunkulu liyakushabalala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu; nethemba lomzenzisi liyoshabalala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 8:13
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha amehlo ababi ayakufiphala; abayikuba nandawo yokuphephela; ithemba labo liyakuba ngukuphuma komphefumulo.”


Lokhu kuyakuba yinsindiso yami ukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.


Ngokuba ibandla labangenaNkulunkulu liyakuba yinyumba, umlilo uqede amatende abathengwa ngemivuzo.


Uyakuhlwithwa etendeni lakhe alethembayo, ayiswe enkosini yengebhe.


ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


“Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka; abakhali lapho ebabopha.


Uma iseluhlaza, ingakakhiwa, iyabuna phambi kwabo bonke utshani.


Ababi abanjalo, kepha banjengamakhoba aphephethwa ngumoya.


Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi: “Akanaki lutho; akakho uNkulunkulu,” injalo imicabango yakhe yonke.


Omubi uyakukubona, acunuke, agedle amazinyo akhe, abesephela; isifiso sababi siyakubhubha.


“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu, funa nginidwengule, kungabikho osindisayo.


Ababi bayakubuyela endaweni yabafileyo, bonke abezizwe abakhohlwa uNkulunkulu.


Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo, kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.


Akwethembayo umuntu omubi kuyaphela ekufeni kwakhe, nethemba lobubi liyabhubha.


Ababi bayachithwa, bangabikho, kepha indlu yabalungileyo iyakuma.


Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”


Ukhohliwe uJehova uMenzi wakho owaleneka izulu nowasibeka isisekelo somhlaba; uthuthumele njalo izinsuku zonke ngokufutheka komcindezeli njengokungathi ozilungiselela ukuchitha; kuphi ukufutheka komcindezeli na?


Ngathi: “Amandla ami nethemba lami kuJehova kuphelile.”


iyinqamule kabili, iyimisele isabelo sayo kanye nabazenzisi; kuyakuba khona lapho ukukhala nokugedla amazinyo.


xwaya ukuba ungakhohlwa uJehova owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Xwaya, funa ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho ngokungagcini imiyalo yakhe, nezahlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla,


inhliziyo yakho bese yiphakama, ukhohlwe uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila,


“Kuyakuthi uma ukhohlwa uJehova uNkulunkulu wakho, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze, ukhuleke kubo, ngiyanixwayisa namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ