Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 7:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Noma ngonile, ngenzeni kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yisigcibisholo sakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Uma ngona, ngenzani kuwe mlindi wabantu na? Ungimiseleni ngibe yinkololo yakho, ngize ngibe ngumthwalo nakimi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngonile; ngenzeni kuwe, mlondolozi wabantu? ungibekani ngibe yisibonakaliso kuwe, ukuze ngibe ngumthwalo kimi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 7:20
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.


Uma ngona, uyangiqaphela; awuyikuthethelela ukona kwami.


Ngiyakusho kuNkulunkulu ukuthi: ‘Ungangilahli; ngazise ukuthi uphikisanelani nami na?


lokhu ufuna ukona kimi, ufunisisa isono sami,


Ngokuba uloba okumunyu ngami, ungidlisa ifa lobubi bobusha bami;


yebo, khona ubuyakubala izinyathelo zami, ungaqapheli isono sami.


Ububi bakho abubukhulu yini? Izono zakho azinakuphela.


Ukugquma kwami kufika phambi kwesinkwa sami, nokububula kwami kuthululwa njengamanzi,


uma ngisibekele iziphambeko zami njengo-Adamu ngokufihla ububi bami esifubeni sami,


Usehlabelela phambi kwabantu, uthi: ‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga, kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:


Ngimsulwa, anginasiphambeko; ngimhlophe, akukho okubi kimi.


njengokuba uthi: ‘Kungisiza ngani?’ nokuthi: ‘Ngizuzeni kunalokho ebengiyakukuzuza, uma ngonile, na?’


Uma wona, wenzani kuye na? Uma iziphambeko zakho ziziningi, wenzani kuyena na?


Ngokuba imicibisholo kaSomandla ikimi; isihlungu sayo siphuzwa ngumoya wami; izesabiso zikaNkulunkulu ziyangehlela.


Ngokuba uyakubafulathelisa; ngosinga lomnsalo wakho uyakukhomba ebusweni babo.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.


Jehova Nkulunkulu Sebawoti, koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?


Wansala umnsalo wakhe, wangimisa ngibe yisigcibisholo somcibisholo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ