Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 5:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Endlaleni uyakukuhlenga ekufeni nasempini emandleni enkemba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Endlaleni uyakukuhlenga, ungafi, akukhulule nasemandleni enkemba empini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Endlaleni uyakukukhulula ekufeni, nasempini emandleni enkemba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 5:20
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.


Amagwababa amlethela isinkwa nenyama ekuseni, nesinkwa nenyama kusihlwa, waphuza emfudlaneni.


UJehova wangilaya nokungilaya, kodwa akanginikelanga ekufeni.


Nguye onika amakhosi insindiso, okhulula inceku yakhe uDavide enkembeni elimazayo.


Noma impi imisa ngakimi, inhliziyo yami ayesabi; noma ngivukelwa ngukulwa, nokho nginethemba.


ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni, abaphilise endlaleni.


Abayikujabha esikhathini esibi; bayakusutha ezinsukwini zendlala.


Umuntu angemhlenge umfowabo, angemnike uNkulunkulu ihlawulo ngaye.


UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe, kepha isifiso somubi uyasihlohloloza.


yena uyakuhlala ekuphakameni, izinqaba zamadwala zibe yisivikelo sakhe, aphiwe isinkwa sakhe, amanzi akhe athembeke.


USedekiya inkosi wayeseyala ukuba bambeke uJeremiya egcekeni letilongo, bamnika imihla ngemihla iqebelengwane lesinkwa livela esiTaladini Sabaphekizinkwa, kwaze kwaphela isinkwa sonke emzini. UJeremiya wahlala-ke egcekeni letilongo.


Ngokuba ngiyakukukhulula nokukukhulula, awuyikuwa ngenkemba, kepha ukuphila kwakho kuyakuba yimpango kuwe, ngokuba ungethembile, usho uJehova.’ ”


“Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho, kufa, kuphi ukuchitha kwakho, ndawo yabafileyo, na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.


Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,


Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ