Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 5:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Uyakophula ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, nakweziyisikhombisa awuyikuthintwa ngokubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Uyokuhlenga ezinhluphekweni eziyisithupha, yebo, nakweziyisikhombisa awuyukuthintwa wububi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Uzakusindisa ezinhluphekweni eziyisithupha; yebo, kwabayisikhombisa akuyikukuthinta okubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 5:19
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ziningi izinhlupheko zolungileyo, kepha uJehova uyamkhulula kuzo zonke.


Uyawagcina onke amathambo akhe; alaphulwa nelilodwa kuwo.


Wavumela abantu ukuba bakhwele phezu kwamakhanda ethu; sangena emlilweni nasemanzini; kepha wasikhiphela ekubuseni.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.


Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.


Kukhona izinto eziyisithupha azizondayo uJehova, yebo, eziyisikhombisa eziyizinengiso emphefumulweni wakhe:


Lapho udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; lapho uhamba emlilweni, awuyikusha, nelangabi aliyikukushisa.


Kepha ngiyakukophula ngalolo suku, usho uJehova, unganikelwa esandleni sabantu obesabayo.


Uma kunjalo, uNkulunkulu wethu esimkhonzayo unamandla okusikhulula esithandweni somlilo ovuthayo; yebo, uyakusikhulula esandleni sakho, nkosi.


Yaphendula yathi: “Bhekani, ngibona amadoda amane akhululekileyo ehamba phakathi komlilo, awachithwanga; ukubonakala kweyesine kunjengendodana yawonkulunkulu.”


Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.”


Kwase kulethwa itshe, labekwa emlonyeni womphandu, inkosi yalinamathelisa ngendandatho yayo nangendandatho yizikhulu zayo, ukuze kungaguqulwa lutho maqondana noDaniyeli.


Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.


Ngokuba asithandi, bazalwane, ukuba ningazi ngosizi lwethu olwasehlela e-Asiya ukuthi sasindwa kakhulu impela ngaphezu kwamandla ethu, saze salahlekelwa nayithemba lokuphila.


iNkosi iyakwazi ukuhlangulisa ekulingweni abamesabayo uNkulunkulu, kepha abangalungile iyabagcinela usuku lokwahlulelwa, bajeziswe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ