Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 5:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Uyasindisa enkembeni yemilomo yabo, yebo, abampofu esandleni sonamandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 Kepha abantulayo uyabasindisa enkembeni yemilomo yabo, nasesandleni sonamandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kodwa uyasindisa ompofu enkembeni, emlonyeni wabo nasesandleni sabanamandla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 5:15
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaphula imihlathi yowonayo, ngahlwitha impango emazinyweni akhe.


baze benza ukuba ukukhala kwabampofu kufike kuye, wezwa ukukhala kwabahluphekayo.


ukuba kungabusi muntu ongenaNkulunkulu, abantu bacushwe.


Ukhulula ompofu ngobumpofu bakhe, avule indlebe yabo ngokuhlupheka.


Akenzi ukuba omubi aphile, kepha abampofu uyabanika ukwahlulelwa.


Ababi sebenqatshelwe ukukhanya kwabo, nengalo ephakemeyo yaphuliwe.


Ukubhonga kwengonyama nezwi lebhubesi kuyaphela, namazinyo amabhongo ayaphuka.


Ibhubesi elinamandla liyabhubha ngokuswela impango; amawundlu ebhubesikazi ayahlakazeka.


Uyakufihlwa enkalivasini* yolimi; awuyikwesaba lapho kufika ukuchitha.


Ubonile wena; ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena ukuze ukubeke esandleni sakho; othithibeleyo uyazinikela kuwe; wena ungumsizi wentandane.


Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene; uyaqinisa inhliziyo yabo, indlebe yakho uyibeka kubo


Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini, enza imindeni njengomhlambi.


Ngokuba uyakuma ngakwesokunene sompofu ukumsindisa kulabo abalahla umphefumulo wakhe.


Ngiyazi ukuthi uJehova uyakumela udaba lohluphekayo nokufaneleyo kwabampofu.


Onke amathambo ami azakuthi: “Jehova, ngubani onjengawe, wena okhulula ohluphekayo, yebo, ohluphekayo nompofu komphangayo, na?”


Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu, isindise abantwana babampofu, imphohloze onokhahlo.


UNebukadinesari, inkosi yaseBabele, wamyala uNebuzaradani, induna yabalindi, ngoJeremiya, wathi:


UNkulunkulu wamnika uDaniyeli ukuba athole umusa nobumnene emehlweni enduna yabathenwa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ