Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 39:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Ukhozi lwenyukela phezulu ngezwi lakho, lwakhe isidleke salo phezulu, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Ukhozi lundizela phezulu yini ngenxa yokusho kwakho, lisakhe lapho phezulu isidleke salo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Ukhozi luyakhuphuka ngokulaya kwakho, lwakhe isidleke salo phezulu, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 39:27
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Uklebe uyandiza ngokuqonda kwakho, awelulele ngaseningizimu amaphiko akhe, na?


Luhlala esiweni, lwakha khona, eweni ledwala eliyinqaba yalo.


osuthisa ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.


‘Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.


Amehlo akho ayandizela kulokho, kepha akusekho, ngokuba kuyazenzela impela amaphiko njengokhozi olundizela ezulwini.


indlela yokhozi emoyeni, nendlela yenyoka edwaleni, nendlela yomkhumbi phakathi kolwandle, nendlela yendoda entombini.


kepha abamethembayo uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Ukwesabeka kwakho kukudukisile, ukuziqhenya kwenhliziyo yakho, wena ohlezi emifantwini yamawa ubambe isiqongo sentaba; noma wakha isidleke sakho njengokhozi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.


“Beka icilongo emlonyeni wakho; onjengokhozi wehlela indlu kaJehova; ngokuba beqile isivumelwano sami, baphambuka emthethweni wami.


“ ‘Yilezi eniyakunengwa yizo ezinyonini; aziyikudliwa, ziyisinengiso: ukhozi, nenqe, nengqungqulu,


Noma uphakama njengokhozi, kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi, ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ