Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 38:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 ngathi: ‘Uyakufika lapha, kepha ungadluli; lapha amaza akho aziqhenyayo ayakumiswa,’ na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 ngathi: ‘Uyokhuphuka ugcine lapha, kepha awuyukudlula, kulapho amaza akho aziqhenyayo azokuma khona’?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 wathi: “Uzakuza kuze kube manje, kepha awuyikudlula; lapha kuyakuvinjwa amaza akho aziqhenyayo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 38:11
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwe endleleni, imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu; ingonyama ayidlanga isidumbu, ayidwengulanga nembongolo.


Kukho konke lokho uJobe akonanga, akamthelanga uNkulunkulu okubi.


UJehova wayesethi kuSathane: “Bheka, usesandleni sakho; gcina ukuphila kwakhe kodwa.”


Uyingiliza ngomudwa phezu kobuso bamanzi, kuze kuphele ukukhanya ebumnyameni.


nalapho ngalumisela umncele wami, ngamisa imigoqo nezicabha,


“Emihleni yakho uyalile ukusa, wazisa umthende wokusa indawo yawo


Umisile umncele ukuba angaweqi, angabuyi ukusibekela umhlaba.


kudlule phezu komphefumulo wethu amanzi akhukhumeleyo.


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa; insalelo yolaka uyakuyibhinca.


Wena uyabusa ukukhukhumala kolwandle; uma kuphakama amadlambi alo, uyawathulisa.


lapho emisela ulwandle umncele, ukuze amanzi angeqi izwi lakhe, nalapho emisa izisekelo zomhlaba,


Ngokubamukisa nangokubaxosha uyabajezisa; wabasusa ngomoya wakhe olukhuni ngosuku lomoya wasempumalanga.


Aningesabi yini,” usho uJehova, “anithuthumeli phambi kwami, mina engibeke isihlabathi sibe ngumkhawulo wolwandle, umncele ophakade olungenakudlula kuwo, na? Noma lugubha, alunakuwahlula; noma luduma, alunakudlula kuwo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ