Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 37:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 USomandla singemqonde, mkhulu ngamandla nangobulungiswa, ngokulunga kwakhe okukhulu akoni muntu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Uma simthinta uSomandla, asinakumfumana: mkhulu ngamandla, nangokwahlulela, nobuningi bokulunga; Ngeke acindezele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 37:23
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Amandla eNkosi athanda okulungileyo, umisile ubuqotho; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.


“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda.


Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,


Ngokuba angenameli ukufa kofayo, isho iNkosi uJehova; ngalokho buyani, niphile.”


Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


Kumemezeleni, nikuveze; yebo, balulekane kanyekanye. Ngubani owakuzwisa lokhu endulo, wakumemezela kwasesikhathini samandulo na? Akusimina Jehova na? Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami, uNkulunkulu olungileyo noMsindisi, akakho ngaphandle kwami.


Ngokuba ukuthukuthela kwakhe kuba ngokomzuzwana nje, umusa wakhe uba ngowokuphila konke; kusihlwa kungena ukukhala, ekuseni ukujabula.


“Ungathola imfihlakalo kaNkulunkulu na? Ungamfumana uSomandla kuze kube sekupheleleni kwakhe na?


Ngokuba bona kambe basilaya izinsukwana njengokubona kwabo, kepha yena kube yinsizakalo, size sithole ukuhlanganyela ubungcwele bakhe.


Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.”


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.


UJehova uyinkosi, wembethe ubukhosi; uJehova wembethe, ubhince amandla. Nezwe limi liqinile, lingazanyazanyiswa.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.


yena omisa izintaba ngamandla akhe, obhince amandla;


UNkulunkulu ukhulumile kanye, ngikuzwe kabili ukuthi amandla angakaNkulunkulu.


Sifundise ukuthi siyakuthini kuye; asinakuhlela indaba yethu ngenxa yobumnyama.


Bheka, uNkulunkulu uphakeme, asimqondi; umumo weminyaka yakhe ayinakuphenywa.


Bheka, lokhu kungamaphethelo nje ezindlela zakhe, izwi lokunyenyeza nje elizwakalayo ngaye; indumo yamandla akhe, ngubani obeyakuyiqonda na?”


“Kuyena kukhona ukuhlakanipha namandla; unesu nokuqonda.


Uma kuyindaba yamandla, nangu onawo; uma yindaba yokwahlulela, ngubani ongimemayo na?


UNkulunkulu uhlanekezela ukwahlulela yini? USomandla uphendukezela ukulunga na?


Kuphakeme njengezulu – ungenzani na? Kujulile kunendawo yabafileyo – ungazini na?


“Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.


Ngiyakulanda kude ulwazi lwami, nginike uMenzi wami ukulunga.


Ngasenyakatho kuvela inkazimulo yegolide; uNkulunkulu wembethe ubukhosi obesabekayo.


Okude nokujulile kakhulu, ngubani ongakufumana na?


Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’


Nomusa ungowakho, Nkosi; ngokuba wena umphindisela umuntu njengokwenza kwakhe.


Mkhulu uJehova, umelwe ukudunyiswa kakhulu; ubukhulu bakhe abuphenyisiseki.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ