Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 36:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Amehlo akhe akawasusi kwabalungileyo, kodwa ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame, kuze kube phakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Akawasusi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha uhlezi kanye namakhosi esihlalweni sobukhosi; yebo, uyazimisa kuze kube phakade, futhi ziphakeme.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 36:7
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Sizwe, nkosi; wena uyisikhulu sikaNkulunkulu phakathi kwethu; mmbele ofileyo wakho kwelihle kuwo onke amathuna ethu; akakho phakathi kwethu ozakugodlela wena ithuna lakhe ukuba ummbele ofileyo wakho.”


Wena uzakuba phezu kwendlu yami; ngezwi lakho bayakuhlelwa bonke abantu bami; esihlalweni sobukhosi kuphela ngiyakuba mkhulu kunawe.”


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


Ngokuba uMoridekayi, umJuda, wayelama inkosi u-Ahashiveroshi ngobukhulu, emkhulu phakathi kwabaJuda, ethokozelwa ngabafowabo abaningi, efuna okuhle kwesizwe sakubo, ekhuluma ukuthula kuyo yonke inzalo yabo.


Impahla yakhe yayiyizimvu eziyizinkulungwane eziyisikhombisa, namakamela ayizinkulungwane ezintathu, namabhangqa angamakhulu ayisihlanu ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi ezingamakhulu ayisihlanu, nezinceku eziningi kakhulu; wayemkhulu lowo muntu kunabo bonke abantu basempumalanga.


Uma zehla, uyakuthi: ‘Phezulu!’ abesephakanyiswa ozithobileyo.


Yena akaboni izindlela zami, abale izinyathelo zami zonke, na?


Ake ukhumbule ukuthi ngubani owake wachithwa engenacala na? Babhujiswaphi abalungileyo na?


Kanjalo uJehova wabusisa ukugcina kukaJobe kunokuqala kwakhe; waba nezimvu eziyizinkulungwane eziyishumi nane, namakamela ayizinkulungwane eziyisithupha, namabhangqa ayinkulungwane ezinkabi, nezimbongolo zezinsikazi eziyinkulungwane.


ukuze aphakamise abayizimpofana nabadabukileyo baphakanyiselwe ukusindiswa.


Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo; isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,


Amehlo kaJehova akubo abalungileyo; izindlebe zakhe zikukho ukukhala kwabo.


Ubuso bukaJehova bumelene nabenza okubi ukuba achithe ukukhunjulwa kwabo emhlabeni.


Mina uyangimisa ebuqothweni bami; uyangibeka phambi kobuso bakho kuze kube phakade.


Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise.


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”


Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi.


ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo zisekunxuseni kwabo, kepha ubuso beNkosi buphezu kwabenza okubi.”


Uyamvusa ompofu othulini, uyaphakamisa impabanga ezaleni, abahlalise nezikhulu, badle ifa lesihlalo sobukhosi, ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova; ubekile izwe phezu kwazo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ