Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 31:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yena akaboni izindlela zami, abale izinyathelo zami zonke, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ngabe akaziboni yini izindlela zami, azibale zonke izinyathelo zami na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kayiboni yini izindlela zami, abale zonke izinyathelo zami?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 31:4
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wamqamba uJehova owayekhulume kuye igama lokuthi: “Wena unguNkulunkulu Obonayo,” ngokuba wathi: “Imbala ngimbonile ongibonayo na?”


Ngokuba amehlo kaJehova aqalaza emhlabeni wonke ukuba abe namandla kwabanhliziyo yabo iphelele kuye; wenze ngobuwula kule nto, ngokuba kusukela manje uyakuba nokulwa njalo.”


Ngokuba uyabazi abantu ababi; lapho ebona ukona, akayikukunaka na?


yebo, khona ubuyakubala izinyathelo zami, ungaqapheli isono sami.


Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma njengegolide.


UNkulunkulu uyamnika ukuba alondeke, asekelwe; kepha amehlo akhe aphezu kwezindlela zabo.


Ngokuba uyabeka imikhawulo yomhlaba, abone konke okuphansi kwezulu.


ngimlandise ngomumo wezinyathelo zami, ngisondele kuye njengesikhulu.


“Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu; ubona zonke izinyathelo zakhe.


Akabuyisi amehlo akhe kwabalungileyo, kepha ubahlalisa namakhosi ezihlalweni zobukhosi, baphakame kuze kube phakade.


uNkulunkulu ubengayikukuhlola na? Ngokuba yena uyazazi izimfihlakalo zenhliziyo.


Amehlo kaJehova asezindaweni zonke; aqaphela ababi nabahle.


Ngokuba izindlela zomuntu ziphambi kwamehlo kaNkulunkulu; uyenza yonke imikhondo yakhe ukuba ilingane.


Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; abasithele ebusweni bami, nobubi babo abufihlekile emehlweni ami.


omkhulu emaswini, onamandla ezenzweni, omehlo akho avulekele zonke izindlela zabantu ukuba unike, kube yilowo nalowo njengezindlela zakhe nanjengezithelo zemisebenzi yakhe;


kepha uziphakamisile eNkosini yasezulwini; balethe izitsha zendlu yakhe phambi kwakho; wena nezinduna zakho, nawomkakho, nezancinza zakho niphuzile iwayini ngazo, utusile wena onkulunkulu besiliva, nabegolide, nabethusi, nabensimbi, nabomuthi, nabetshe abangaboni, abangezwa, abangazi; kodwa uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho awumdumisanga.


UNathanayeli wathi kuye: “Ungazelaphi na?” UJesu waphendula, wathi kuye: “Ungakabizwa nguFiliphu, uphansi komkhiwane, ngakubona.”


futhi akukho nto edaliweyo engabonakali phambi kwakhe, kepha konke kwambuliwe kusobala emehlweni akhe esiyakuzilanda kuye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ