Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 27:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa lusizi, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa wusizi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UNkulunkulu uyakuzwa yini ukukhala kwakhe lapho usizi luphezu kwakhe?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 27:9
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ekwahlulelweni kwakhe makalahlwe yicala; umkhuleko wakhe mawube yisono.


Bakhala, kepha akubangakho osindisayo, nakuJehova, kodwa akaze aphendula.


Ngabacolisisa njengothuli emoyeni; ngabalahla njengensila ezitaladini.


Uma bengiqonde ububi enhliziyweni yami, ibingayikungizwa iNkosi.


lapho kufika njengesivunguvungu lokho enikwesabayo, nengozi yenu iza njengesikhwishikhwishi, lapho nehlelwa ngukuhlupheka nosizi.


“Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana


Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho, nomkhuleko wakhe uyisinengiso.


Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa.


Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kwabo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu, angiyikuthokoza ngabo, kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.”


Ngalokho ngiyakusebenza ngokufutheka; iso lami aliyikubahawukela, ngingabi nabubele; noma bememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyikubezwa.”


Abakhalanga kimi ngezinhliziyo zabo, kepha bahhewula emibhedeni yabo; banovalo ngamabele abo nangewayini labo, kepha mina bayangihlubuka.


Khona bayakukhala kuJehova, kepha akayikubaphendula; uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.


“ ‘Kwathi njengalokho wamemeza, bona bengezwanga, kanjalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘bayakumemeza bona, ngingezwa mina.


Nxa umninindlu esukumile wavala emnyango, niqale ukuma ngaphandle, ningqongqothe emnyango, nithi: ‘Nkosi, sivulele,’ uyakuphendula, athi: ‘Anginazi lapho nivela khona.’


Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo.


Nabuye nakhala phambi kukaJehova, kepha uJehova akalalelanga izwi lenu, kanizwanga.


niyacela, nokho anamukeliswa, ngokuba nicela kabi, ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ