Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 27:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulelwa kwami, noSomandla owenze munyu umphefumulo wami,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 “Ngifunga ngiyagomela, uNkulunkulu ongephuce ubulungiswa bami, noSomandla owenze waba muncu umphefumulo wami;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulela kwami; noSomandla owakhathaza umphefumulo wami;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 27:2
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJowabe wathi: “Kuphila kukaNkulunkulu, uma ubungakhulumanga, ngempela abantu bonke bebeyakube sebenyukile kusasa ekuxosheni abafowabo.”


U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”


Kepha u-Eliya wathi: “Kuphila kukaJehova Sebawoti engimi phambi kwakhe namuhla, ngizakuzibonakalisa kuye.”


Wafika kumuntu kaNkulunkulu entabeni, wabamba izinyawo zakhe. UGehazi wasondela ukuba amxoshe, kepha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Myeke, ngokuba inhliziyo yakhe imunyu phakathi kwakhe; uJehova ungifihlele lokho, kangitshelanga.”


Kuhle yini kuwe ukuba ucindezele, ulahle umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kwamasu ababi, na?


UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo, angiphonse esandleni sababi.


yazini-ke ukuthi uNkulunkulu ungihlanekezele, ungihaqe ngenetha.


NguNkulunkulu odangalisileyo inhliziyo yami, uSomandla ungethusile,


Ngokuba uJobe uthe: ‘Ngilungile; uNkulunkulu ususile ukwahlulelwa kwami.


“Usho uthi lokhu kulungile na? Uthi: ‘Yilungelo lami kuNkulunkulu yini,’


Imbala uyachitha ukwahlulela kwami, ungilahle ukuba ube ngolungileyo, na?


Uyangilimaza ngesiphepho; uyandisa amanxeba ami ngeze.


Kavumi ukuba ngiphefumule, kepha uyangigcwalisa ngomunyu.


Usholoni wena Jakobe, ukhulumelani wena Israyeli, ukuthi: “Indlela yami isithekile kuJehova, ilungelo lami lidlulile kuNkulunkulu wami,” na?


Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami.


Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye.”


Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’ nokho bafunga amanga.”


Yisho kubo, uthi: ‘Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angithokozi ngokufa komubi, kuphela ngokubuya komubi endleleni yakhe aze aphile. Buyani, buyani ezindleleni zenu ezimbi; niyakufelani nina ndlu yakwa-Israyeli na?’


kepha impela, kuphila kwami nenkazimulo kaJehova eyakugcwalisa wonke umhlaba,


Hlala lobu busuku; kuyakuthi ekuseni, uma ekuhlenga, kulungile, makakuhlenge; kepha uma engathandi ukukuhlenga, mina ngiyakukuhlenga, kuphila kukaJehova; lala kuze kuse.”


Ngokuba, kuphila kukaJehova osindisa u-Israyeli, nokuba sikuJonathani indodana yami, uyakufa nokufa.” Kepha akwabakho noyedwa owamphendulayo.


Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga ukuba angafi.


Bheka, ngiyakuthuma umfana ngokuthi: ‘Hamba ufune imicibisholo.’ Uma ngithi kumfana: ‘Bheka, imicibisholo inganeno kwakho, yithathe,’ woza wena, ngokuba ungaba nokuthula, akukho lutho, kuphila kukaJehova.


“Ngalokho, nkosi, kuphila kukaJehova nokuphila komphefumulo wakho, njengokuba uJehova ekuvimbele ukungena ecaleni legazi nokuzisindisa ngesandla sakho, ngalokho-ke mazibe njengoNabali izitha zakho nabayifunela inkosi yami ububi.


Ngokuba impela, kuphila kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ongivimbele ukuze ngingakulimazi, uma ungasheshanga ukuza ukuba ungihlangabeze, impela nga kungasalanga kuNabali ngasekuseni kusasa nokukodwa okungokwesilisa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ