Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 25:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ukubusa nokwesabeka kukuye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 “Ukubusa nokwesabeka kukuye, nguye owenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ukubusa nokwesaba kukuye, wenza ukuthula ezindaweni zakhe eziphakemeyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 25:2
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Namanje bheka, ufakazi wami usezulwini; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.


Ngokuba siyini isabelo ebesiyakuvela kuNkulunkulu phezulu, nefa likaSomandla ebeliyakuvela ekuphakameni, na?


“Bheka, uNkulunkulu uphakeme ngamandla akhe; ngubani ofundisa njengaye na?


“Bheka, uNkulunkulu unamandla, kepha kadeleli muntu; mkhulu emandleni okuqonda.


USomandla singemqonde; mkhulu ngamandla nangokwahlulela; ngokulunga kwakhe okukhulu akoni lutho.


“Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho.


Yishoni kuNkulunkulu, nithi: “Yeka ukwesabeka kwemisebenzi yakho. Ngenxa yobukhulu bamandla akho izitha zakho ziyakuzithoba phansi kwakho.


Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini; umhlaba wesaba, wathula


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi: Ukuthula, ukuthula kuye okude nakuye oseduze,” usho uJehova; “ngiyakumphilisa.”


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla onke ezulwini nasemhlabeni;


Babusisiwe abalamulayo, ngokuba bayakuthiwa abantwana bakaNkulunkulu.


ungasingenisi ekulingweni, kodwa usikhulule kokubi; ngokuba umbuso ungowakho, namandla, nenkazimulo, kuze kube phakade. Amen.’


nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.


kuye uNkulunkulu oyedwa, uMsindisi wethu ngaye uJesu Kristu iNkosi yethu, makube ngukukhazimula, nobukhosi, namandla, negunya, kungakabikho izikhathi, namanje nakuze kube phakade. Amen.


base bethi ezintabeni nasemaweni: “Welani phezu kwethu, nisisithe ebusweni balowo ohlezi esihlalweni sobukhosi nasolakeni lweWundlu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ