Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 20:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ekusutheni kokuvama kwakhe uyaminywa; izandla zakho konke ukuhlupheka ziyakumfikela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 Kuyothi kusamhambela kahle, ehlelwe yizinhlupheko; izandla zabo bonke abahluphekayo ziyakuza kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ekusutheni kokwanela kwakhe uyacindezeleka; zonke izandla zababi ziyakufika phezu kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 20:22
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova wathuma kuye amaviyo amaKaledi, namaviyo ama-Aramu, namaviyo abakwaMowabi, namaviyo abantwana bakwa-Amoni, wawathuma kuJuda ukumchitha njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla sezinceku zakhe abaprofethi.


lapho amaSheba etheleka, azithatha; izinceku azibulele ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”


Esakhuluma lowo, kwafika nomunye, wathi: “AmaKaledi enza amaviyo amathathu, ahlasela amakamela, awathatha, azibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”


Akayikuceba, nemfuyo yakhe ayiyikuma, nokudla kwakhe akuyikukhothamela phansi.


UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo, angiphonse esandleni sababi.


Izinyathelo zakhe ezinamandla ziyakufinyezwa; amasu akhe ayamlahla phansi.


Kuyakuthi lapho eyakugcwalisa isisu sakhe, uNkulunkulu aphonse kuye ukuvutha kwentukuthelo yakhe, akunise phezu kwakhe esekudleni.


Lapho amashinga ayekile ukudlova; lapho baphumule abaphelile amandla.


abakuvuna kwabo kudliwa ngabalambileyo, bakukhipha nasemeveni; abanxanelayo basezela impahla yabo.


Bheka, izinsuku zami wazenza zaba ngangobubanzi besandla; imihla yokuphila kwami ayilutho kuwe; impela yilowo nalowo muntu ungumoya nje, noma eqine kangakanani. Sela*


Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.


ngokungangalokho elizidumise latamasa ngakho, linikeni ukuhlupheka nokulila okungako. Ngokuba enhliziyweni yalo lithi: ‘Ngihlezi ngiyinkosikazi, angisiye umfelokazi, futhi angisoze ngabona ukulila.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ