Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 20:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Lokho owakukhandlekelayo uyakukubuyisa, angakugwinyi; ngempahla ayitholileyo akayikujabula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Ubuyisa konke akukhandlekelayo, engakakugwinyi, akayukujabula ngempahla ayitholileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Lokho akusebenzile, uyokubuyisela, angakugwinyi; ngokwentando yakhe ukuphindisela, futhi ngeke ajabule ngakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 20:18
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantwana bakhe bayakuzincengela kwabampofu, izandla zakhe zibuyise impahla yakhe.


Ugwinyile ingcebo; uyakubuye ayihlanze; uNkulunkulu uyakuyikhipha esiswini sakhe.


ukuthi ukujabula kwababi kufushane, nokuthokoza kwabangenaNkulunkulu kungokokuphazima kweso nje, na?


makakulungise, kepha kuyakwembathwa ngolungileyo, ongenacala abele isiliva.


uma ngithokozile, ngokuba imfuyo yami inkulu nangokuba isandla sami sithole okuningi;


“Uma ngithokozile ngengozi yongizondayo, ngaxhuma lapho eficwa ngokubi


mangihlwanyele, kudle omunye, yebo, zisishulwe izithelo zami.


sibagwinye besezwa njengendawo yabafileyo, besaphilile njengabehlela egodini;


Kukhona ingcebo enxanelekayo namafutha endlini yohlakaniphileyo, kepha umuntu oyisiwula uyakugwinya.


“Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi, namakamelo akhe ngokungafanele, osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli, angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,


“Amehlo akho nenhliziyo yakho kusekuphangeni kuphela, nasekuchitheni igazi elingenacala, nasekucindezeleni, nasekudloveni ukuba ukwenze.”


UNebukadinesari, inkosi yaseBabele ungidlile wangiqeda; ungenze isitsha esingenalutho, wangigwinya njengodrako;* ugcwalisile isisu sakhe ngokumnandi kwami, wangixosha.


Ngiyakuhambela uBeli eBabele, ngikhiphe emlonyeni wakhe lokhu akugwinyileyo; izizwe azisayikugobhozela kuye, ugange lwaseBabele luyakuwa.


Zonke izitha zikukhamisela umlomo wazo, zincimfa, zigedla amazinyo, zithi: “Siwugwinyile. Impela yilo usuku esilulindele; sesilufumene, silubonile.”


Isikhathi sesifikile, usuku lusondele; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ukufutheka kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.


Ungajabuli, Israyeli, kube ngukuthokoza njengokwabezizwe, ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba, wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.


Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu, nenichitha abaswelayo bezwe,


“Maye kinina babhali nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nivalela abantu umbuso wezulu! Ngokuba aningeni nina, nabangenayo anibavumeli ukungena.


Baholi abayizimpumputhe, nihluza insensane, niginge ikamela.


“Uyakuganwa ngumfazi, omunye umuntu alale naye; uyakwakha indlu, ungahlali kuyo; uyakutshala isivini, ungazikhi izithelo zaso.


Izithelo zomhlabathi wakho nayo yonke imisebenzi yakho kuyakudliwa yisizwe ongasaziyo, wena ucindezelwe kuphela, uchotshozwe


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ