Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 16:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Nami ngingakhuluma njengani; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundleni somphefumulo wami, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani, ngininikinele ikhanda lami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Nami bengingakhuluma njengani, ukuba benisesikhundleni sami, bengingayihlanganisa inkulumo, ngimelane nani, ngininikinele ikhanda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nami bengiyakukhuluma njengani; uma umphefumulo wenu ubusendaweni yomphefumulo wami, bengiyakuqoqa amazwi ngani, nginikine ikhanda lami kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 16:4
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nanti izwi uJehova alikhulumile ngaye: “ ‘Ikudelele yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.


“Awayikuphendulwa amazwi amaningi kangaka na? Umuntu oliphoshophosho angathethelelwa na?


Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise.


uJobe uvulela ize umlomo wakhe; uyandisa amazwi engenalwazi.”


“Odangeleyo nga ehawukelwa ngumngane wakhe; kepha ukumesaba uSomandla kuyayekwa.


Futhi ngaba yisihlamba kubona; bengibheka banikina amakhanda abo.


Bonke abangibonayo bayangiklolodela, baphukule imilomo, banikine amakhanda,


bathi: “Zinikele kuJehova; makamsindise, amkhulule, njengokuba emthanda.”


Usenza isaga kwabezizwe, banikine ikhanda phakathi kwabantu.


Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.


Isiwula siyandisa amazwi, nokho umuntu akazi okuyakuba khona; nalokho okuyakuba ngasemva kwakhe, ngubani ongamtshela lokho na?


nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi: “Ikudelele, yakuhleka usulu intombi, indodakazi yaseSiyoni; ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.


benze izwe labo libe yisimangaliso nento encimfelwayo njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na? Wafunyanwa phakathi kwamasela, njengokuba, lapho ukhuluma ngaye, unikina ikhanda, na?


Bonke abadlula ngendlela bakushayela ihlombe, bancimfe, banikine amakhanda abo ngenxa yendodakazi yaseJerusalema ngokuthi: “Yiwo lo muzi owawubizwa ngokuthi ubuhle obupheleleyo nentokozo yomhlaba wonke na?”


Yiwo umuzi owajabula wahlala ulondekile, owathi enhliziyweni yawo: Mina ngikhona, akakho omunye; yeka ukuphenduka kwawo incithakalo nendawo yokubuthisa kwezilwane! Bonke abadlula kuwo bayakuncimfa, banikine isandla sabo.


Ngakho-ke konke nokungakanani enifuna ukuba abantu bakwenze kini, kwenzeni nani kanjalo kubo; ngokuba lokhu kungumthetho nabaprofethi.


Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; uma kudunyiswa isitho sinye, kujabula izitho zonke kanye naso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ