Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 13:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lokhu kuyakuba yinsindiso yami ukuthi ongenaNkulunkulu akezi phambi kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Lokhu kuyakuba yinsindiso yami, ukuthi ongenaNkulunkulu akayukuza phambi kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Yena uyakuba yinsindiso yami, ngokuba umzenzisi akayikufika phambi kwakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 13:16
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Zwisisani amazwi ami, ukusho kwami kube sezindlebeni zenu.


Lapho olungileyo ubeyakuphikisana naye, mina ngikhululwe kumahluleli wami kuze kube phakade.


“Ngokuba amehlo akhe akuzo izindlela zomuntu; ubona zonke izinyathelo zakhe.


“Abangesabi ngenhliziyo baqongelela ulaka; abakhali lapho ebabopha.


“Zinjalo izindlela zabo bonke abakhohlwa uNkulunkulu: ithemba longenaNkulunkulu liyakuchitheka;


UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami, waba yinsindiso yami.


Ngiyakukudumisa, ngokuba ungizwile, waba yinsindiso yami.


UJehova ungukukhanya kwami nensindiso yami; ngizakwesaba bani na? UJehova uyinqaba yokuphila kwami; ngizakuba novalo ngobani na?


UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso kimi; unguNkulunkulu wami: ngizakumdumisa, noNkulunkulu kababa: ngizakumphakamisa.


Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”


Impela amagquma ayize kanye nomsindo wasezintabeni. Ngokwempela ukusindiswa kuka-Israyeli kukuJehova uNkulunkulu wethu.


Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi: “ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe, ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ