Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 12:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngiyisigcono somngane wami, ngowambiza uNkulunkulu, waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Nginjengomuntu oyinhlekisa kumakhelwane wakhe, obiza uNkulunkulu, amphendule; olungileyo oqotho uyahlekwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 12:4
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ukugavuza kwakho kuthulisa abantu na? Nalapho ukloloda, akakho ongakuhlaza na?


Emcabangweni wohlezi kahle ingozi iyadeleleka; kulungiselwe abazinyawo zabo zishelela.


Bhekani-ke, sengilungisile ukwahlulelwa kwami; ngiyazi ukuthi ngiyakuthethwa mina.


Bangikhamisela imilomo yabo, bangimukula esihlathini ngenhlamba, bangihlanganyela.


Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu


Impela kukhona abangiklolodelayo, iso lami lisekucunuleni kwabo.


Ungibeke isaga sabantu, ngibe ngokhafulelwa ebusweni.


Ngivumeleni ukuba nami ngikhulume; nalapho sengikhulumile, klolodani.


“Kepha manje abancane ngeminyaka kunami bayangihleka, oyise babo engangibadelela ukuba ngingababeki naphakathi kwezinja zezimvu zami.


“Manje sengihaywa yibo, yebo, sengiyisaga sabo.


Ngumuphi umuntu onjengoJobe ophuza usulu njengamanzi,


Ake niphenduke, kungabikho ukungalungi, nibuye niphenduke; indaba yami ilungile.


Anginasici; anginakekeli umphefumulo wami; anginanzi ukuphila kwami.


Njengezinteli ezikhonzela ucezu lwesinkwa bangigedlela amazinyo.


Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye esosizini, ngimkhulule, ngimdumise.


Ohamba ngobuqotho uyamesaba uJehova, kepha ophambanisa izindlela zakhe uyamdelela.


Wangiyenga, Jehova, ngayengeka; wawunamandla kunami, wangahlula. Ngibe yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela.


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


Kepha mina ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.


aluka umqhele wameva, awufaka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, ambhinqa athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!”


wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu.


Bamhleka usulu. Kepha yena wabakhipha bonke, wathatha uyise womntwana nonina kanye nababe naye, wangena lapho kulele khona umntwana.


AbaFarisi ababethanda imali bakuzwa konke lokho, bamklolodela.


Kwathi bezwa ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, kepha abanye bathi: “Siyakuphinda sikuzwe ngaleyo ndaba.”


abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ