Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJobe 11:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Uyakulala, ungethuswa muntu; abaningi bayakuzincengela kuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Uyakulala, kungabi bikho okuphazamisayo; abaningi bayakuzincengela kuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Futhi uyolala phansi, kungekho muntu okwethusayo; yebo, abaningi bayokumangalela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJobe 11:19
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umbuso kaJehoshafati wawusuzola, ngokuba uNkulunkulu wakhe wamnika ukuphumula nxazonke.


Uyakuba nokwethemba, ngokuba ithemba likhona; uyakuphendla, ulale ngokulondeka.


Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni, nephuze ukuphumula, nidle isinkwa sezinhlupheko, ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.


Ngizakucambalala ngokuthula, ngilale ubuthongo, ngokuba wena Jehova wedwa ungihlalisa ngokulondeka.


Indodakazi yaseTire, yebo, nabacebileyo babantu bancenga umusa wakho ngesipho.


Baningi abancenga izikhulu; bonke bangabangane bomuntu wezipho.


Lapho ulala phansi, awuyikwesaba lutho; nanxa usulale phansi, ubuthongo bakho buyakuba mnandi.


eshiyiwe kuze kube phakade, neyakuba ngeyemihlambi ebuthisa khona, ingesatshiswa muntu.


Usho kanje uJehova, uthi: “Okukhandlekelweyo kwaseGibithe nokuzuziweyo kwaseKushe, nangamaSheba, abantu abade, kuyakungena kuwe, kube ngokwakho; bayakukulandela, bafike beboshwe ngamaketanga, bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi: ‘UNkulunkulu ukuwe kuphela, akakho omunye, akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”


Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


Azisayikuba yimpango yabezizwe, nesilwane somhlaba asiyikuzidla, kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa muntu.


“ ‘Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa muntu; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini.


Bayakuhlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe; akakho oyakubesabisa, ngokuba umlomo kaJehova Sebawoti ukhulumile.


Insali yakwa-Israyeli ayisayikwenza okubi, ingakhulumi amanga, kungafunyanwa emlonyeni wabo ulimi olukhohlisayo; yebo, bayakwaluka, babuthise, kungekho obesabisayo.”


Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni* likaSathane abazishaya abaJuda bengesibo, kepha beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ