Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 9:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Angizukubajezisa yini ngalokho na?” kusho uSimakade. “Umphefumulo wami awuyukuziphindiselela yini esizweni esinjengalesi na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kangiyikubahambela yini ngenxa yalezi zinto? usho uJehova, uthi: “Umphefumulo wami awuyikuziphindiselela esizweni esinjengalesi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 9:9
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho ithi iNkosi uJehova Sebawoti, uMninimandla ka-Israyeli: “E, ngiyakuzikhulula kwabamelene nami, ngiziphindisele ezitheni zami,


Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?


Isabelo sakho siphakathi kwamatshe abushelezi asesigodini; wona yiwo angawenkatho yakho; nakuwona uthululele umnikelo wokuphuzwa, wenza umnikelo wempuphu. Ngiyakwaneliswa ngalokhu na?


Basenze incithakalo; siyincithakalo, sikhala kimi; izwe lonke lichithiwe, kepha akakho okubeka enhliziyweni.


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


Ngabuka; bheka, kwakungekho muntu; izinyoni zonke zezulu zazibalekile.


Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?


Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?


Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.


Ngikhala kuwe Jehova, ngokuba amadlelo asehlane adliwe ngumlilo, nelangabi lishisile yonke imithi yasendle.


Zwanini leli zwi engiliphakamisa phezu kwenu libe yisililo ngendlu ka-Israyeli.


“Iwile intombi yakwa-Israyeli, ayisayikuvuka; iphonsiwe phansi, akakho ongayivusa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ