Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 9:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 “Bheka, izinsuku ziyeza,” kusho uSimakade, “lapho ngiyakujezisa bonke abasoke enyameni kuphela,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokile nabangasokile;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 9:25
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

iDedani, neThema, neBuzi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo,


Zisokeleni kuJehova, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Amakamela aso ayakuba yimpango, nezinkomo zaso eziningi ziyakuphangwa. Ngiyakubahlakazela emimoyeni yonke, bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo, ngehlisele phezu kwabo izingozi ezivela nxazonke,” usho uJehova.


Uyakufa ukufa kwabangasokile ngesandla sabafokazi, ngokuba mina ngikhulumile, isho iNkosi uJehova.’ ”


“ ‘Pho, ufana nobani ngodumo nangobukhulu phakathi kwemithi yase-Edene na? Nokho uyakwehliselwa kokuphansi komhlaba kanye nemithi yase-Edene, ulale phakathi kwabangasokile nabagwazwe ngenkemba. Lo unguFaro nesixuku sakhe sonke, isho iNkosi uJehova.’ ”


lokhu ningenisile abezizwe abangasokile ngenhliziyo nabangasokile ngenyama ukuba babe sendlini yami engcwele, bayingcolise indlu yami, lapho ninikela ngesinkwa sami, nangamanoni, nangegazi, naphula isivumelwano sami ngazo zonke izinengiso zenu.


“ ‘Aniyikudilinga amakhanda enu emaceleni; ungoni isilevu sakho emaceleni.


nami ngahamba ngiphambene nabo, ngabayisa ezweni lezitha zabo; uma-ke izinhliziyo zabo ezingasokile zithobeka, besamukela isijeziso sobubi babo,


“Nginazile nina kuphela emindenini yonke yomhlaba; ngalokho ngiyakunihambela ngabo bonke ububi benu.”


Ngokuba umJuda kakusiye onguye ngokubonwayo, nokusoka akusikho okubonwa enyameni;


kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi, nokusoka kungokwenhliziyo, ngomoya kungengegama, okutuswa kwakhe kungaveli kubantu kepha kuNkulunkulu.


UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Kuyakwenziwa ntoni kumuntu obulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli, na? Ngokuba ngubani lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise impi kaNkulunkulu ophilayo na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ