Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 9:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu ukuthi uyangiqonda, angazi ukuthi nginguJehova owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Kepha ozibongayo makazibonge ngalokhu, ukuthi uyangiqonda, futhi uyangazi ukuthi nginguSimakade owenza umusa, ubulungiswa nokulunga emhlabeni, ngokuba ngiyathokoza ngalezi zinto,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kepha ozibongayo makazibonge ngakho, ukuze angiqonde, azi Mina, ukuthi nginguJehova owenza umusa, nokwahlulela, nokulunga emhlabeni; ngokuba lokhu ngiyathokoza,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 9:24
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abanye izinqola, abanye amahhashi, kepha thina sibonga igama likaJehova uNkulunkulu wethu.


Umphefumulo wami uyakuzibonga ngoJehova; abathobekileyo bayakukuzwa, bajabule.


Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.


Sizincoma ngoNkulunkulu usuku lonke; igama lakho siyalibonga kuze kube phakade. Sela*


Nokho ususilahlile, wasijabhisa; awusaphumi nezimpi zethu.


Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu.


Ngenxa yokuba enamathele kimi, ngakho ngiyamkhulula; ngiyamphakamisa ngokuba elazi igama lami.


Amandla eNkosi athanda okulungileyo, umisile ubuqotho; ukwahlulela nokulunga ukwenzile kwaJakobe.


Bayakuphela amandla, babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.


Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; wena uyakuthokoza ngoJehova, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.


KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa-Israyeli iyakulungisiswa, ibe nodumo.


“Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga, ngizonda ukuphanga kanye nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso, ngenze isivumelwano esiphakade nabo.


Wahlulela abaswelayo nabampofu, kwaba kuhle; angithi lokhu kungukungazi mina na?” usho uJehova.


Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye.”


Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


“Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi iNdodana, kuphela uYise; akakho futhi owazi uYise, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.


Konke ngikunikelwe nguBaba; akakho owazi ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana nalowo iNdodana ethanda ukumambulela yena.”


Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.


kepha akusikho lokho kuphela, kodwa sizibonga futhi ngoNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, esesamukelisiwe ngaye ukubuyisana.


ukuze kuthi njengokulotshiweyo: “Ozibongayo akazibonge eNkosini.”


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


Kepha kimi makungabikho nakanye ukuzibonga, kuphela ngesiphambano seNkosi yethu uJesu Kristu, okubethelwe ngaye izwe kimi nami kulo izwe.


Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,


Kepha sazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ingqondo ukuze simazi oweqiniso; sikuye oweqiniso, kuyo iNdodana yakhe uJesu Kristu. Yena unguNkulunkulu oqinisileyo nokuphila okuphakade.


USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ