Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 9:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 Usho kanje uSimakade, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazishayi isifuba ngokuhlakanipha kwakhe, neqhawe malingazibongi ngobuqhawe balo, nocebileyo makangazibongi ngengcebo yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Usho kanje uJehova, uthi: “Ohlakaniphileyo makangazibongi ngokuhlakanipha kwakhe, nonamandla makangazigabisi ngamandla akhe, nocebileyo makangazibongi ngenotho yakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 9:23
54 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Maningasho ukuthi: ‘Sifumene ukuhlakanipha; uNkulunkulu angamphengulula, hhayi umuntu.’


Umhlane wakhe uyizinhla zezihlangu; zinamathelisiwe njengangophawu.


Uthanda ukulunga nokwahlulela; umhlaba ugcwele umusa kaJehova.


Mtuseni uJehova kanye nami, siphakamise igama lakhe kanyekanye.


Nokho ususilahlile, wasijabhisa; awusaphumi nezimpi zethu.


Maningakwethembi ukuqhwaga, ningazigabisi ngokuphangiweyo; uma imfuyo yanda, ningayibeki inhliziyo kuyo.


Ingcebo ayisizi ngosuku lolaka, kepha ukulunga kophula ekufeni.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda.


Ngubani owaziyo, uma eyakuba ngumuntu ohlakaniphileyo noma isiwula na? Nokho uyakubusa phezu kwawo wonke umshikashika wami engiwushikashikile nengihlakaniphele kuwo phansi kwelanga. Nalokho kuyize.


Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.


Ngokuba lithi: ‘Izikhulu zami zonke azisiwo amakhosi na?


Bayakuphela amandla, babe namahloni ngeKushe ithemba labo nangeGibithe udumo lwabo.


Wethembile ebubini bakho, wathi: ‘Akakho ongibonayo.’ Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile; wathi enhliziyweni yakho: ‘Yimi, akakho omunye.’


Wo kubona abahlakaniphile emehlweni abo nabaqondile ekuboneni kwabo!


abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”


“Ningasho kanjani ukuthi: ‘Singamaqhawe namadoda anamandla okulwa’ na?


Ngokuba ngenxa yokwethemba kwakho imisebenzi yakho nengcebo yakho nawe uyakubanjwa, uKemoshi aye ekuthunjweni, abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.


Uzidumiselani ngezigodi, isigodi sakho esichichimayo, wena ndodakazi ehlubukayo, othemba engcebeni yakho ngokuthi: ‘Ngubani ongehlela mina, na?’


Izwe laseGibithe liyakuba yincithakalo nehlane, bazi ukuthi nginguJehova, ngokuba wathi: “Umfula ungowami, mina ngiwenzile.”


Bayakuphonsa isiliva labo ezitaladini, igolide labo libe yinto engcolileyo, isiliva labo negolide labo kungabi namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo kaJehova; abayikusuthisa imiphefumulo yabo, bangagcwalisi izibilini zabo, ngokuba kade kuyisikhubekiso sobubi babo.


Manje uma nilungele ukuba ngesikhathi enizwa ngaso ukukhala kwecilongo, negenkle, nehabhu,* nomqangala, nogubhu, negemfe, nazo zonke izinhlobo zokubethwa, niwe phansi, nikhuleke esithombeni engisenzileyo, kuhle; kepha uma ningakhuleki, niyakuphonswa ngasona leso sikhathi phakathi kwesithando somlilo ovuthayo; ngumuphi lowo nkulunkulu oyakunikhulula ezandleni zami na?”


Kalokhu-ke mina Nebukadinesari ngiyatusa, ngiyaphakamisa, ngiyidumisa iNkosi yezulu, ngokuba yonke imisebenzi yayo iyiqiniso, nezindlela zayo zingukwahlulela; abahamba ngokuzidla inamandla okubathobisa.


Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?


Nasiliva labo nagolide labo akuyikuba namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo lukaJehova, kepha umhlaba wonke uyakudliwa ngumlilo womhawu wakhe, ngokuba uyakuqeda, yebo, aqede ngokuzumayo bonke abakhileyo ezweni.”


Kepha abafundi bethuka ngamazwi akhe. UJesu wabuye waphendula, wathi kubo: “Bantwana, kulukhuni kangakanani kwabethemba umnotho ukungena embusweni kaNkulunkulu.


ukuze kuthi njengokulotshiweyo: “Ozibongayo akazibonge eNkosini.”


uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.’


ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe,


Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,


Ngokuba ukuthanda imali kuyimpande yakho konke okubi; abanye ngokuyifisa badukelwa ukukholwa, bazigwaza ngeminjunju eminingi.


UmFilisti esabuka wambona uDavide, wameyisa, ngokuba wayengumfana nje, ebomvana, ebukeka emuhle.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ