Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 9:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Ngokuba izwi lokukhala lizwakala livela eSiyoni, lithi: ‘Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Ngokuba izwi lesililo lizwakele livela eZiyoni, lithi: ‘Yeka ukubhujiswa kwethu! Sithelwe ngehlazo kakhulu; silishiyile izwe, ngokuba bazidilizile izindlu zethu.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Ngoba kuzwakele ilizwi lokulila livela eZiyoni lisithi: Yeka ukuchithwa kwethu! sinamahloni kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba izindlu zethu zisixoshile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 9:19
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Vukani nina besifazane abazinzileyo, nizwe izwi lami; nina madodakazi azethembayo nibeke indlebe ekukhulumeni kwami.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


U-Israyeli uyisigqila yini, uyisigqila esazalelwa ekhaya na? Waba kanjani impango na?


Bhekani, uyakhuphuka njengamafu, izinqola zakhe zinjengesivunguvungu, amahhashi akhe anejubane kunezinkozi. Maye kithina, ngokuba sichithiwe!


Kuyamenyezelwa ukubhujiswa phezu kokubhujiswa, ngokuba izwe lonke liyachithwa. Amatende ami ayachithwa masinyane, nezilenge zami ngokuphazima kweso.


Ngiyakunilahla ebusweni bami, njengalokho ngabalahla bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.’


Kepha yimi abangicunulayo yini, usho uJehova: akusibo, buze bujabhe ubuso babo, na?


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.


“Chezukani, ningcolile!” bamemeza kubo: “Chezukani, chezukani, ningathinti!” Lapho bebaleka bezulazula, bathi phakathi kwabezizwe: “Abasayikugogobala lapha.”


Ifa lethu seliphendulelwe abafokazi, nezindlu zethu kwabezizwe.


“Wena ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngeTire,


Izwe lingcolile; ngalokho ngahambela ububi balo kulo, izwe lahlanza abantu balo.


ukuze izwe linganihlanzi nani, nxa nilingcolisa, njengalokho lahlanza isizwe esasikhona phambi kwenu.


“ ‘Ngalokho anogcina zonke izimiso zami, nazo zonke izahlulelo zami, nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi.


Sukumani nihambe, ngokuba lokhu akusikho ukuphumula kwenu; ngenxa yabayingcosana niyachitha ngokuchitha okunamandla.


Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”


uphumputhe emini njengempumputhe iphumputha ebumnyameni; awuyikuphumelela ezindleleni zakho, uyakucindezelwa kuphela, uphangwe; akuyikubakho muntu wokukusindisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ