Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 8:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “ ‘Ningasho kanjani, nithi: “Sihlakaniphile, umthetho kaJehova unathi,” na? Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhali lusebenzile okwamanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 “ ‘Ningakusho kanjani ukuthi: “ ‘Sihlakaniphile, nomthetho kaSimakade ukithi na? “ ‘Impela, usiba lwababhali bamanga, luloba amanga.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Nisho kanjani ukuthi: ‘Sihlakaniphile, nomthetho kaJehova unathi? Bheka, wakwenza ize; usiba lwababhali luyize.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 8:8
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umuntu oyize uyakuba nengqondo, nxa ithole lembongolo yasendle lizalwa libe ngumuntu.


Uyasusa ulimi lwabathembekileyo, aphuce amalunga ukuqonda.


Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku-Israyeli.


Abantwana babantwana bangumqhele wabadala, nodumo lwabantwana lungoyise.


Uyihlo wokuqala wona, abahumushi bakho bangihlubukile.


Base bethi: “Wozani simcebele uJeremiya amacebo, ngokuba umthetho awuyikuphela kumpristi, nesu kohlakaniphileyo, nezwi kumprofethi, sihambe simshaye ngolimi, singaqapheli nelilodwa lamazwi akhe.”


“ ‘Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema, ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo, nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.


Abapristi abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova?’ Abaphethe umthetho babengazi, ababusi baphambuka kimi, abaprofethi baprofetha ngoBali, balandela okungenakusiza.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bahlakaniphele ukwenza okubi, kepha ukwenza okuhle kabakwazi.”


“Ningasho kanjani ukuthi: ‘Singamaqhawe namadoda anamandla okulwa’ na?


Noma ngimlobela imithetho yami kaningi, iyashaywa okungaziwayo.


akayikwazisa uyise noma unina; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.


Wathi kubo uJesu: “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sihlezi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ