Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 8:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Futhi uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Abantu bayakuwa, bangabuyi basukume, na? Umuntu uyaphambuka, angabuyi aphenduke, na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “Uyokuthi futhi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Abantu bayawa yini, bangabuye basukume na? Umuntu uyaphambuka yini, angabuye aphenduke na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Futhi kumelwe uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova; Ingabe bayowa futhi bangavuki? uzofulathela angabuyi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 8:4
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,


Ngokuba olungileyo angawa kasikhombisa, abesebuye avuke, kepha ababi bayakukhubeka ngobubi.


Ngesulile iziphambeko zakho njengefu, nezono zakho njengemilaza; buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”


Omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu owenza okubi imicabango yakhe, abuyele kuJehova, uyakuba nomusa kuye, yebo, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyakwenza ukuthethelela kube kukhulu.


Nakubaprofethi baseJerusalema ngibonile okwesabekayo: bayaphinga, bahamba ngamanga, baqinisa izandla zababi, ukuze kungabuyi muntu ebubini bakhe; bonke banjengeSodoma kimi, nabakhileyo kulo banjengeGomora.”


“Kuthiwa uma indoda ilahla umkayo, abesemuka abe ngowenye indoda, isayakubuyela kuye na? Lelo zwe belingayikungcoliswa kakhulu na? Kepha wena ofebile nezithandwa eziningi ubuyela kimi,” usho uJehova.


“Buyani nina bantwana abahlehlayo, ngikuphulukise ukuhlehla kwenu.” “Bheka, sesifikile kuwe, ngokuba unguJehova uNkulunkulu wethu.


Mhlawumbe indlu yakwaJuda iyakuzwa konke okubi engicabanga ukukwenza kuyo ukuba ibuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngiyithethelele amacala ayo nezono zayo.”


“Uma uphenduka, Israyeli,” usho uJehova, “uyakuphendukela kimi; uma ususa ebusweni bami izinengiso zakho, awuyikuntengantenga.


Ngiyenamela nokwenamela ukufa komubi yini, isho iNkosi uJehova, kungabi ukuba abuye endleleni yakhe, aphile, na?


Buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, Israyeli, ngokuba ukhubekile ngobubi bakho.


“Wozani sibuyele kuJehova, ngokuba yena usidwengulile; uyakusiphulukisa; usishayile, uyakusibopha.


Ukuzidla kuka-Israyeli kuyafakaza ebusweni bakhe, nokho ababuyelanga kuJehova uNkulunkulu wabo, abamfunanga kukho konke lokhu.


“Iwile intombi yakwa-Israyeli, ayisayikuvuka; iphonsiwe phansi, akakho ongayivusa.”


Ungathokozi ngami, sitha sami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uJehova uzakuba ngukukhanya kwami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ