Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 8:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele; ngidabukile, ukumangala kungibambile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Ngilimele ngokulinyazwa kwendodakazi yabantu bami, ngiyalila, ukwesaba kungikhungethe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Ngokuba ngidabukile ngokuhlushwa kwendodakazi yabantu bami; Ngimnyama; ukumangala kungibambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 8:21
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngathi enkosini: “Mayime njalo inkosi; ubuso bami bungebiphe ngani, lapho umuzi, indawo yamathuna awobaba, uchithekile namasango awo eshiswe ngomlilo, na?”


“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi: “ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele ngokulimala okukhulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


“UJuda uyalila, amasango akhe adangele, ahlezi emhlabathini edabukile, nokukhala kweJerusalema kwenyukile.


Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela, futhi angilufisanga usuku olwesabekayo; wena uyazi; okwaphuma emlonyeni wami kwakuphambi kobuso bakho.


Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.


“Ukuvuna kudlulile, ihlobo liphelile, kepha thina asisindiswanga.”


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Ngingumuntu obone ukuhlupheka ngentonga yentukuthelo yakhe.


Phambi kwabo abantu bayathuthumela, bonke ubuso buyaphaphatheka.


Liyize, alisenalutho, lichithekile; inhliziyo iyancibilika, amadolo ayashayana, imihelo isezinkalweni zonke, nobuso babo bonke buphaphathekile.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ