Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 8:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami livela ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Ayikho inkosi yalo kulo na?” “Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Kuyezwakala izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami, livela ezweni elikude, lithi: “USimakade akekho yini eZiyoni na? Inkosi yalo ayikho yini kulo na?” “Bangichukuluzeleni ngezithombe zabo ezibaziweyo, nangokuyize kwabezizwe na?”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bhekani izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami phezu kwabakhileyo ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Inkosi yayo ayikho kuye na? Bangiklolodelani ngezithombe zabo ezibaziweyo nangezithombe eziyize ezingaziwa na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 8:19
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova makabongwe eSiyoni, yena owakhe eJerusalema. Haleluya!


Ngasemifuleni yaseBabele sahlala khona, sakhala, lapho sikhumbula iSiyoni.


UJehova uyabusa kuze kube phakade, uNkulunkulu wakho, Siyoni, ezizukulwaneni ngezizukulwane. Haleluya!


U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.


Ngiyabazonda abakhonza onkulunkulu abayize, kepha mina ngithemba uJehova.


Hawu, sizwe esonayo, bantu abasindwe ngububi, nzalo yababi, bantwana abonakeleyo! Bamshiyile uJehova, bamdelele oNgcwele ka-Israyeli, babuyele emuva.


Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”


Bavela ezweni elikude nasekugcineni kwezulu uJehova nezikhali zentukuthelo yakhe, ukuba bachithe umhlaba wonke.


Ngokuba uJehova ungumahluleli wethu, uJehova ungumenzi wemithetho yethu, uJehova uyinkosi yethu; uyakusisindisa.


Wayesefika u-Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?” Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.”


Vuka, vuka, wembathe amandla akho, Siyoni, uzigqoke izingubo zakho ezinhle, Jerusalema, muzi ongcwele, ngokuba akusayikungena kuwe ongasokile nongcolileyo.


Ziyize, umsebenzi wenkohliso; ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.


Umlahlile nokumlahla uJuda na? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na? Sihlalela ukuthula, kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.


Yini ukuba ube ngumuntu odidekileyo, njengeqhawe elingenakusindisa, na? Nokho uphakathi kwethu, Jehova, sibiziwe ngegama lakho; ungasishiyi.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ububi buni oyihlo ababufumene kimi, baze badeda kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?


ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini, nginixoshe, niphele.


Ngokuba kuyakuba khona usuku abayakumemeza ngalo abalindi entabeni yakwa-Efrayimi ukuthi: ‘Sukani, sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.’ ”


“Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli nabantwana bakwaJuda benzile okubi kuphela emehlweni ami kwasebuntwaneni babo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bangicunulile kuphela ngemisebenzi yezandla zabo, usho uJehova.


Kepha yimi abangicunulayo yini, usho uJehova: akusibo, buze bujabhe ubuso babo, na?


“Ukuvuna kudlulile, ihlobo liphelile, kepha thina asisindiswanga.”


Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”


“Nxazonke kuyakuba yizingalo eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili. “Igama lomuzi kusukela kulolu suku liyakuthiwa UJEHOVA ULAPHA.”


Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.


Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli,” ngokuba uJehova wakhile eSiyoni.


Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo, ibe ngcwele, nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.


Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na? Ayikho inkosi kuwe, ubhubhile umluleki wakho, lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.


UJehova ususile ukwahlulelwa kwakho, uxoshile izitha zakho. INkosi yakwa-Israyeli, uJehova, iphakathi kwakho; awusayikwesaba okubi.


“Bhekani, ngiyakuqhweba ngesandla phezu kwabo, babe yimpango yababebakhonza, nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumileyo.


bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’


“Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ