Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 8:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bathi: “Ngukuthula, ngukuthula;” kepha akukho ukuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Belaphile kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bethi: “Ngukuthula, ngukuthula;” kube kungekho ukuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngoba bapholisa kancane ukulimala kwendodakazi yabantu bami ngokuthi: Ukuthula, ukuthula! lapho kungekho ukuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 8:11
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isithunywa ebesihambile ukumbiza uMikhaya sakhuluma kuye, sathi: “Bheka, amazwi abaprofethi mahle enkosini ngamlomo munye; ngalokho izwi lakho malibe njengezwi lomunye wabo, ukhulume okuhle.”


Inkosi yakwa-Israyeli yayisibutha abaprofethi kungathi abantu abangamakhulu amane, yathi kubo: “Ngihambe ngilwe neRamoti Gileyadi, noma ngiliyeke na?” Bathi: “Yenyuka, ngokuba uJehova uyakulinikela esandleni senkosi.”


Ngase ngithi: “E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: ‘Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela, kepha ngiyakuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.’ ”


Bazinge bethi kwabangidelelayo: UJehova ukhulumile uthi: ‘Niyakuba nokuthula.’ Kubo bonke abahamba ngenkani yenhliziyo yabo bathi: ‘Aniyikwehlelwa ngokubi.’


Bapholisa kalula ukulimala kwabantu bami, bathi: ‘Ngukuthula, ngukuthula,’ kepha akukho ukuthula.


Silindela ukuthula, kepha okuhle akukho, nesikhathi sokuphulukiswa, kepha bheka, luvalo.


Abaprofethi bakho bakubonele imibono eyize nobuwula; abambulanga ukona kwakho ukuba babuyise ukuthunjwa kwakho. Kepha bakubonele iziprofetho eziyize nezikhohlisayo.


Ngokuba nidabukisile inhliziyo yolungileyo ngamanga, engingamdabukisanga mina, naqinisa izandla zababi ukuba bangabuyi endleleni yabo embi, basindiswe,


Uma bekuhambahamba umuntu okhuluma umoya nje namanga, athi: ‘Ngiyakuprofetha kuwe ngewayini nangophuzo olunamandla,’ ubeyakuba ngumprofethi walaba bantu.


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ