Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 7:33 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

33 Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

33 Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nezilwane zasendle; akekho oyakuzethusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

33 Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; futhi akekho oyobadabula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 7:33
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ayakushiywa ndawonye abe ngawamanqe asezintabeni nawezilwane zasemhlabeni; amanqe ayakuhlala ehlobo phezu kwawo, nazo zonke izilwane zomhlaba ziyakuhlala ebusika phezu kwawo.


Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi, amanqe angakulo alihaqile nxazonke; hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle, nizilethe, zidle.


Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.


“Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


“ ‘Ngiyakuchitha kule ndawo amasu akwaJuda naseJerusalema, ngibawise ngenkemba phambi kwezitha zabo, nangesandla sabafuna ukuphila kwabo, nginike izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.


Uyakumbelwa ngokumbelwa kwembongolo, ahudulwe alahlwe ngale kwamasango aseJerusalema.


Ngalolo suku ababuleweyo bakaJehova bayakusukela komunye umkhawulo womhlaba, baze bafike komunye; abayikukhalelwa, abayikubuthwa, abayikumbelwa, bayakuba ngumquba ebusweni bomhlaba.


yebo, ngiyakubanikela esandleni sezitha zabo nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba.


Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu, kungene ezindlini zethu zamakhosi ukunquma abantwana ezitaladini, nezinsizwa ezigcawini.


Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.’ ”


Ngiyakukulahla ehlane, wena nazo zonke izinhlanzi zemifula yakho, uwe ebusweni bomhlabathi; awuyikubuthwa, ulandwe; ngiyakukunika ube ngukudla kwezilwane zomhlaba nokwezinyoni zezulu.


Uyakuwa ezintabeni zakwa-Israyeli, wena namaviyo akho onke, nabantu abanawe, ngikunikele ezinyonini eziyoculayo zezinhlobo zonke nasezilwaneni zasendle ukuba udliwe.


Isidumbu sakho siyakuba ngukudla kwezinyoni zonke zezulu nokwezilwane zomhlaba; akuyikubakho ozihebezayo.


Njengezizwe uJehova azenza ukuba zibhubhe phambi kwenu, kanjalo niyakubhubha nani, ngokuba naningalilaleli izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ